IBetway Premiership

UNcikazi uyazigqaja ngokwenziwa yiBucs kubadlali abasebancane

SIHLE NGUBO

Akaboni kuwukufakela abadlali abancane ingcindezi ukubanika ithuba lokudlala imidlalo emikhulu umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi.

Lo mqeqeshi, obambile kuze kuphele isizini ngemuva kokuhamba kukaJose Riveira, uveze lokhu ngemuva kokuthi iBucs ibambane ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo iPirates ishaye amagoli amabili kodwa yagcina ikwaze ukudlala ngokulingana kuphela.

UPatrick Maswanganyi ushaye igoli ngasekhaya ngomzuzu ka-66, kwathi umfana osemncane uSimphiwe Selepe washaya elokulinganisa ngomzuzu ka-77.

UNcikazi ebuzwa ukuthi awumkhulu yini umsebenzi emahlombe abadlali abafana noRelebohile Mofokeng, uMohau Nkota, uSimphiwe Selepe noMbekezeli Mbokazi, uthe lokhu kuyabakhulisa kakhulu.

“Mhlawumbe isibalo semidlalo (abayidlalayo singabacindeza) kodwa ngokwamava angicabangi kanjalo,” kusho uNcikazi.

“Uma udlalisa uNkota e-Egypt, uqalise uSelepe emdlalweni womkhaya engicabanga ukuthi umdlalo onzima kakhulu, ngibona kuyinto enhle futhi maningi amava abawatholayo.

“Iqembu liyakhula. Mhlawumbe indlela iqembu elenza ngayo iyona ekahle kakhulu ukuze kukhule ibhola hhayi eqenjini kuphela kodwa nasezweni.

“Ngicabanga ukuthi yinto enkulu eqenjini lethu ukuba nesibindi uvumele lokhu kwenzeke.

“Mhlawumbe namanye amaqembu kumele alandele lokhu. Ngoba uma ubuke uNkota ezinyangeni ezintathu ezedlule, ubuke uRele ubuke uMbokazi…kimina isinqumo esikhulu lesi eqenjini lethu.

“Angiboni kukhona okungahambi kahle. Ngiyalithemba kakhulu iqembu lethu ekuthatheni izinqumo.”

IPirates kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi ozovala isikhala sikaRiveiro njengoba isizini igoqwa. Ngabe lokhu kumbeka kuphi uNcikazi? Abanye abaqeqeshi bafika namaphini abo.

“Ngisebenzela iPirates. Uma ngisekhona, kuhle, uma kungukuthi angisekho kulungile,” kusho uNcikazi.

“Ngiyajabula ngalokhu engikwenzela iqembu futhi nalo liyakujabulela. Uma nje kusenjalo ngiyohlale ngiyisithunywa saleli qembu ngize ngitshelwe okuhlukile.”

IPirates izodlala umdlalo wokugcina ngci weBetway Premiership uma seyibhekene neMagesi FC ngoLwesithathu.