Kulimele esinye isilomo somdlali weKaizer Chiefs
SIHLE NGUBO
Bayanda abadlali beKaizer Chiefs abalimele njengoba kuqhubeka imidlalo yeBetway Premiership ka-2026/2027.
Umdlali wakamuva othintekile kwiChiefs uLangalihle Phili, osanda kufika kuleli qembu laseNaturena.
UPhili ungene ohleni olude lwabadlali baMakhosi abalimele selokhu kuqale isizini.
IChiefs inenkinga yabadlali basemuva kwesokunxele abalimele bonke njengamanje.
Kulabo badlali kukhona uBradley Cross, uNkanyiso Shinga noPaseka Mako.
Leli qembu belidlalisa uReeve Frostler emuva kwesokunxele kodwa naye walimala.
Nokho lo mdlali okwazi ukudlala ngezinyawo zombili kuvela ukuthi useluleme yena.
Ubekhona ebhentshini ngesikhathi iChiefs ibambana neRichards Bay ngo 2-2 emdlalweni weBetway Premiership, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesithathu ebusuku.
Abanye abadlali abalimele kwiChiefs uFlavio day Silva, ongumgadli, noRushwin Dortley, ongadlalanga ngesizini edlule ngenxa yokuhlinzwa edolweni.
Umqeqeshi weChiefs, uFernando da Cruz, ukuqinisekisile ukulimala kukaPhili.
“Izindaba ezimbi ezikaPhili kuleli sonto. Ulimele futhi ngeke adlale amasonto alinganiselwa kwayisishiyagalombili,” kusho uDa Cruz.
UPhili ufike kwezwakala kwiChiefs njengoba eshaye negoli bebambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1 koweligi.
UDa Cruz uqhube wathi: “UDortley uzoqala adlale imidlalo maduze. Uqale ngokudlala umdlalo wobungani ngoLwesihlanu olwedlule, waphinde izolo (ngoLwesibili) lapho ubedlala neDDC.
“Ngakho sizomnika imizuzu kodwa sizothatha isikhathi ngaye. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi uma ebuya uzobe ewumqemane ngokuphelele.”
IChiefs izoze ibuyele enkundleni ngoSepthemba 5, lapho izobhekana neSiwelele FC, eRoyal Bafokeng Stadium.
Ngempelasonto kuzodlalwa imidlalo yemilenzele yesibili yeMTN8.
ISundowns izobhekana neLamontville Golden Arrows, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto. Emdlalweni womlenze wokuqala kunqobe Abafana Bes’thende ngo 1-0, eLucas Moripe Stadium.
Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iPirates neSekhukhune United, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Emdlalweni wokuqala kunqobe iBucs ngo 1-0.

