CAF Champions League

‘Akumele sicabange ukuthi sesifile,’ kusho umqeqeshi weDowns

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns izibangele umthwalo ngokudlala ngokulingana nePyramids SC yase-Egypt kowamanqamu womlenze wokuqala weCAF Champions League, kodwa uMiguel Cardoso oyiqeqeshayo uthi akonakele kakhulu.

ISundowns ihambe phambili ngegoli likaLucas Ribeiro Costa ngomzuzu ka-54, kwanethemba lokuthi izobambelela kulona nomake ishaye elinye igoli.

Iqembu lasekhaya liyilahle ekugcineni liyekela izivakashi ukuthi zishaye igoli ngomzuzu ka-90+4, kanti libekwe phakathi ngu-El Karti.

Akungabazeki ukuthi leli goli lisho lukhulu kwiPyramids njengoba izokwamukela Abafana Ba’Style eCairo ngeSonto emlenzeni wesibili.

Ukudlala ngokulingana ngo 0-0 kulo mdlalo kuyosho ukuthi iPyramids seyiwele ngelibanzi ngoba ishaye igoli ekuhambeni.

Nokho okunye okwaziwayo ukuthi leli qembu alihlali emuva futhi liyawashaya amagoli uma lidlalela ekhaya.

I-Orlando Pirates yase izitshela ukuthi iwele ngelibanzi kungu 2-1 ibhekene nePyramids eCairo kodwa leli qembu labuya lahlohla amagoli amabili, ladlulela kowamanqamu.

UCardoso uthe noma isimo sikanje kodwa bona abasahlehli, bayifuna ngenkani indebe yeChampions League.

“Kusithathe uhambo olude kakhulu ukufika lapha. Akusona isikhathi sokujiba ithawula manje,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.

“Yisikhathi sokubuyisa umfutho ofanele ukuze siqhubekele phambili, ngoba owamanqamu owodwa odlalwe emdlalweni owodwa.

“Lo mdlalo kungenzeka uye esikhathini esengeziwe kodwa sinemizuzu engu-90 okumele siyidlale.

“Asiqhubekele phambili, asiye khona. Akumele sicabange ukuthi sesifile, lelo kungaba yiphutha elikhulu.

“Asiye phambili. Masihambeni, masihambeni.”

Emdlalweni wangoMgqibelo iSundowns ibukeke ingahlangene ngendlela ejwayeleke ngayo, ikakhulukazi uma idlalela ekhaya.

Kungenzeka ukuthi sekukhona nokukhathala kubadlali njengoba sebevele badlale imidlalo engaphezulu kuka-50 kule sizini.

Kuzodingeka bakhiphe umfutho wokugcina, njengoba esho uCardoso, ukuze benze iNingizimu Afrika iziqhenye ngabo e-Egypt ngeSonto.