IPirates kumele ithathe isinqumo ‘ngekhehla’ layo elinamava
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates kumele ithathe isinqumo esinzima sokuthi izoyivuselela yini inkontileka yomdlali wayo onamava, ephela ngoJuni wonyaka ozayo.
IBucs inokhilimu nobisi lwabadlali, nokuphoqa ukuthi kube khona abakhuhla ibhentshi, kanti kukhona nabebelimele.
Kubadlali abebethintekile kukhona uMakhehleni Makhaula, oseluleme, u-Olisah Ndah, naye oseluleme, uBoitumelo Radiopane, noDean van Rooyen.
UMakhaula, oneminyaka engu-36, ungomunye wabadlali abalimale ngasekupheleni kwesizini edlule, nokwenze ukuthi angayiqali isizini.
Lo mdlali, owayegijima kwiHighlands Park naMaZulu FC, inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni wonyaka ozoqala, kanti akwaziwa noma iPirates izoyivuselela yini.
Okwenza kungacaci ukuthi esiswini iBucs ishaya ngabafana abancane abagijimayo, okubhekwe ukuthi bathwale iqembu liye phambili.
UMakhaula useyidlalile imidlalo embalwa selokhu ebuye ekulimaleni, nokuchaza ukuthi umqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou, uyakholelwa kuyena.
Uwuqalile umdlalo ngesikhathi iPirates ibhekene neMarumo Gallants kowamanqamu weCarling Knockout, ngoMgqibelo.
Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe iminyaka akuyona uMakhaula izomvumela yini athole inkontileka entsha kweZimnyama.
Lo mdlali ayaziwa amava akhe futhi uyena othole umklomelo iBetway Premiership Miedfilder of the Season, ngesikhathi kuklonyeliswa abadlali abenze kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule.
Omunye umdlali okungacaci ngaye kwiPirates, uTshegofatso Mabasa, owukudla kwebhentshi kuleli qembu.
UMabasa uze wasala kwiBafana Bafana ezoyibamba kwi-Africa Cup of Nations, eMorocco, ngakho ukuthi akalitholi ithuba lokudlala kwiBucs.
Njengamanje umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubukeka ethembele kakhulu kuYanela Mbuthuma no-Evidence Makgopa njengabagadli bakhe.
Ompetha beCarling Knockout, iPirates, bazobhekana neqembu iCarling Black Label All Stars, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
IBucs izobe ibophele iqembu elihlukile kulo mdlalo ngoba abadlali bayo abayisishiyagalolunye basekhempini yeBafana Bafana.

