EzakamuvaIBetway Premiership

Umndeni owashonelwa awufuni adlale owelePSL obhekene necala lokubulala

SIHLE NGUBO 

UShaun Magaila weSekhukhune United, wazithola esenkingeni ngemuva kokuthi imoto yakhe ishayisane nenye, kwashona ingane yalo ashayisana naye, eTembisa.

Lo mdlali kwavela ukuthi kwatholakala utshwala emotweni yakhe ngemuva kokuthi ishayisane neyowesifazane kwashona ingane ngo-Okthoba nyakenye.

UMagaila waphuma emotweni wabaleka ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Nokho wabuye wazinikela emaphoyiseni eTembisa, lapho kwavulwa khona icala lokubulala ngokungenhloso.

Lo mdlali ungaphandle ngebheyili ka-R20 000 kanti uzobuyela enkantolo ngoMeyi 29. Ushaye igoli elihle bebhekene neChippa United, waze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

Nokho umndeni wentombazanyana eyashona ngesikhathi uMagaila eba kule ngozi, ushaya amakhala ngokuthi usebuyele ekudlaleni esahamba icala.

“Simangele ngemibiko ethi sesinike iSekhukhune United izibusiso zethu ukuthi uShaun Magaila aphinde adlale,” kusho okhulumela umndeni uSifiso Sikhosana kwiRadio2000 ngoLwesibili.

“Ukucacisa nje asikaze sihlangane noMagaila, umndeni wakhe noma iSekhukhune United, selokhu kwenzeka ingozi.”

IBabina Noko ibibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, ngoLwesithathu lapho ishaywe khona ngo 4-2. UMogaila uwudlale waze wawuqeda lo mdlalo.

Umqeqeshi weSekhukhune, uLehlohonolo Seema, akayiboni nencane inkinga ekudlaliseni lo mdlali yize esabhekene naleli cala elibi kangaka.

“Uwumdlali obhalise nathi (iqembu). Yebo ube nesimo esingesihle esenzekile futhi iqembu limesekile lamnika nesikhathi sokubhekana nakho,” kusho uSeema ngemuva komdlalo wabo naMaZulu FC ngeledlule.

“Usebuyile manje futhi siyajabula ngomdlalo wakhe wokuqala ngemuva kwesikhathi eside. Nakanjani iqembu belilokhu limeseka.

“Uyayibona indlela adlala ngayo. Kwaba yinto engeyinhle (ingozi). Kungenzeka kunoma ubani wethu kodwa ubedinga ukwesekwa nesikhathi, okuyinto ayinikiwe.

“Njengamanje yisikhathi sokuthi abuyele emuva azame ukuhluza umqondo ngento athandayo ukuyenza. Ngiyajabula ngendlela adlale ngayo ngemuva kwesikhathi eside.”