EzakamuvaIbhola

UTim Sukazi ubhukuda emalini ngokudayisa abadlali kwiTS Galaxy

SIHLE NGUBO

Uhleka yedwa kulezi zinsuku usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, njengoba abadlali bakhe bethengwa amaqembu ebhola anemali, selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi uSukazi akabavimbi abadlali uma kukhona amaqembu abafunayo, kodwa into ayifunayo ukuthi ashaye iphakethe.

IRockets isanda kudedela uPuso Dithejane osesayine kwiChicago Fire yase-USA, lapho ezotholana khona noMbekezeli Mbokazi obedlalela i-Orlando Pirates.

USukazi ubesanda kudalula ukuthi iSundowns ibimfuna uDithejane kodwa bangavumelana ngemali.

“Kuyiqiniso, sithintwe yiSundowns (ngoDithejane) kodwa sayichitha ngoba ebikubeka etafuleni bekungamfanele umdlali,” kusho uSukazi kuKhozi FM.

Ngemuva kwalokho kube sekuvela izindaba zokuthi uDithejane usesayine kwiChicago Fire egijima kwiMLS e-USA.

Akwaziwa ukuthi uSukazi uthole malini ngalo mdlali, kodwa kumele ukuthi yimali enhle njengoba iChicago Fire kuvela ukuthi ikhokhe u-R53 million ngoMbokazi.

Omunye umdlali weTS Galaxy osanda kushiya iqembu uQobolwakhe Sibande, osayine kwiPetrojet yase-Egypt.

Kuyaziwa ukuthi amaqembu ase-Egypt awabambi eyeka ngemali, ngakho kumele ukuthi uhlafunile uSukazi ngoSibande.

Yize uSukazi engavumelananga neSundowns ngoDithejane kodwa ulinikile leli qembu laseChloorkop uKhulumani Ndamane, ogijima kwiBafana Bafana.

Akungabazeki ukuthi uNdamane umdededele ngoba iSundowns ibeka imali enhle etafuleni.

Inselelo asebhekene nayo uSukazi ukuthi avale izikhala ezivulekayo uma kuhamba abadlali ababalulekile eqenjini lakhe.

Ukudedela abadlali abawumongo weqembu, ngenxa yokujaha imali, kufanele akubone ukuthi kunomphumela onjani kwiStellenbosch FC, okuyimanje ibamba iyeka kwiBetway Premiership.

Ekuqaleni kwesizini iRockets idedele uKamogelo Sebelebele okumanje umdlali ongaconsi phansi kwi-Orlando Pirates.