EzakamuvaIbhola

Ingwazi yakudala yePirates ixakwa ukungayi phesheya kukaMofokeng

SIHLE NGUBO

URelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates, uyena umdlali obekubhekwe ukuthi asheshe azitholele iqembu phesheya kwezilwandle, uma kubukwa indlela abedlala ngayo kumasizini edlule.

Lo mdlali, elingangatshazwa ikhono lakhe kunobhutshuzwayo, sekuke kwavela ukuthi kukhona amaqembu abemfuna kodwa akucaci ukuthi yini eyenza aqhubeke nokuhlala kwiBucs.

Esikhundleni sokuthi kuhambe uMofokeng ukuya phesheya, sekuhambe abadlali abafike kamuva kunaye eqenjini elikhulu.

UMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi abahlalanga kakhulu eqenjini elikhulu, besuka kwiDStv Diski Challenge (DDC), bazithola sebebizwa phesheya.

Owayengumdlali wePirates, uSteve Lekoelea, ucabanga ukuthi kukhona into evimbe uMofokeng ukuthi angazitholeli iqembu phesheya.

“Asisazi isivumelwano iPirates noMofokeng abanaso, ngoba ungumdlali onekhono. Kumele ngabe kade ahamba kuleli,” kusho uLekoelea ekhuluma noSipho Mlotha.

“YiPirates noMofokeng kuphela abaziyo ukuthi isivumelwano sabo sithini. UMofokeng kumfanele ukuyodlala phesheya, futhi uyafuna ukuhamba.

“Kodwa inkinga ukuthi yena neqembu bazofinyelela kanjani esivumelwaneni.

“Mhlawumbe iqembu limbona ephezulu kakhulu kunalokhu okubekwa amaqembu amfunayo njengamanje.”

Sekuke kwavela ukuthi ubaba kaRelebohile akeneme ngokuthi iPirates ayifuni ukudedela lo mdlali ukuthi ayozama inhlanhla phesheya.

“Kodwa ngicabanga ukuthi isizathu sokuthi akekho phesheya, yingoba iqembu alikamvumeli. Akukona ukuthi akekho ezingeni lokudlala phesheya,” kuphetha uLekoelea.

IPirates isayinise abadlali abenele ukuthi ingamdedela uMofokeng uma kukhona iqembu elimfunayo, futhi yeneliseka ngelikubeka etafuleni.

Kulabo badlali kukhona u-Oswin Appollis, obedlala kwiPolokwane City, uTshepang Moremi, obekuMaZulu FC, noKamogelo Sebelebele obedlala kwiTS Galaxy.

Bonke laba badlali benza iPirates ihlasele ngomkhulu umfutho selokhu kuqale isizini.