UMagidigidi weSiwelele FC kusele kancane ayogida eBelgium
SIHLE NGUBO
Umdlali weSiwelele FC, uSiviwe Magidigidi, usendleleni ebheke e-Europe njengoba kuvela ukuthi kusele kancane aqede neqembu elimfunayo.
UMagidigidi, ongumdlali ohlaselayo, uzosayina eqenjini eligijima kwiBelgian First Division B, iK. Beerschot V.A. nokuyinto eqinisikiswe iSiwelele esitatimendeni.
“I-K. Beerschot ixhumane nathi ngasekupheleni konyaka odlule,” kusho isitatimende seqembu.
“Kodwa abebekubeka etafuleni ngaleso sikhathi bekungahambisani nalokhu uMagidigidi afike nakho eqenjini, nalokhu esikholwa ukuthi ubesazokwenza.”
“Nokho ngemuva kokuqhubeka kwezingxoxo, kucacile ukuthi umdlali ubefisa ukuyozivivinya ezingeni lomhlaba, aqale ikhasi elisha phesheya.
“Ngesikhathi iBeerschot ibuya nokungcono, okuphindwe ngaphezulu kokubili kunalokhu ababekubekile, sabe sesisamukela isicelo ngoba sasihambisana nalokhu okufunwa yiSiwelele FC.
“Yize kungakaqedwa konke kodwa manje sisemeni lapho siqedela konke esikuxoxayo.
“Siyajabula kakhulu ngabalandeli uMagidigidi abatholile kwiSiwelele, futhi siyayazi indlela abebexhumene naye ngayo.
“Noma kungenzekani, uyohlale eyingxenye yeqembu lethu. Ube ngumdlali obalulekile njengoba kuyisizini yethu yokuqala (kwiPremiership) nomdlali osemncane osisize sabonakala enkundleni wasisiza nasezindlini zokushintshela.
“Eminyakeni engu-20 anayo, uMagidigidi ubukeka engumdlali ozoba yinto enkulu.
“Asithandabuzi ukuthi abadlali basemuva baseBelgium maduze bazozwa ukuthi ubewuhlupho kanjani kwiPSL.
“Siyaziqhenya kakhulu ngaye, siyajabula kakhulu ngaye futhi sikubheke ngabomvu ukumbona ethatha uhambo lwakhe.
“Uma lokhu esikuhlanganisayo kuhlangana, uyohlale ehamba nomoya weSiwelele futhi uyohlale eyiSiwelele.”

