Johnson: Esikwenza ejimini nokwenzeka enkundleni kwehlukile
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, akaneme ngeqembu lakhe ngemuva kokudlala ngokulingana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium ngeSonto.
UCavin Johnson ukhale kakhulu ngokuhlulwa kweqembu lakhe amathuba futhi ukholwa wukuthi bekumele ngabe benze kangcono kakhulu.
“Silahle amathuba amakhulu kakhulu, u-Ashley (Du Preez) uphume oqekelele kwaze kwaba kane futhi bekumele ngabe ulishayile igoli.
“Ngabe sidlale kahle? Angicabangi kanjalo,” kusho uJohnson ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Angijabule ngendlela esidlale ngayo njengeqembu, singcono kakhulu kunalokhu esikukhombise namuhla.”
Amakhosi abuyele enkundleni ngemuva kwesikhathi eside kulandela ikhefu le-Africa Cup of Nations.
UCavin Johnson ubekade ebe nesikhathi esengeziwe sekhempu yokulungiselela ukuqhubeka kwesizini ngesikhathi kuqhubeka i-Afcon e-Ivory Coast.
Ubeyedwa umdlali weChiefs obekwi-Afcon, okungu-Edmilson Dove waseMozambique kodwa naye usheshe wabuya.
“Uma ubuka leli qembu lidlala noma ulibuka liziqeqesha ubona amaqembu amabili ehlukene.
Uma ulibuka liziqeqesha uyabona ukuthi lingadlala kanjani futhi libe nokuzethemba okwengeziwe, asikubonanga lokho namuhla,” kwengeza uJohnson.
“Sidinga ukuba ngcono kakhulu uma siphethe ibhola. Izimo (esenkundla nesezulu) bezizinhle kakhulu futhi zikulungele ukudlalwa kwebhola elihle.
“Kodwa kubukeka sengathi abadlali bami bebengakulungele ukudlala yize lezi zimo bezibavumela kahle.
“Mhlawumbe uma kunganyuka izinga lokushisa lifike ko-35 degrees futhi nelanga liphume lonke bangenza kangcono.
“Kumele sibuyele emuva siyobona ukuthi kubhedephi bese silungisa,” kuchaza lo mqeqeshi.
UJohnson uzophinde abe neviki lonke lokuqondisa izigwegwe kwindlela iChiefs edlala ngayo njengoba bezoze babuyele enkundleni ngeSonto.
FUNDA NALA: Iza kahle indodana kaPitso Mosimane enkulisa yeChiefs
Bazobe sebeyobhekana neMilford FC edlala kwi Motsepe Foundation Championship emdlalweni weNedbank Cup eFNB Stadium.

