EzakamuvaiDStv Premiership

Ezimnandi ezivela kwiKaizer Chiefs ngonozinti

Onozinti beKaizer Chiefs, uBruce Bvuma noBrandon Petersen, belulelwe izinkontileka zabo naleli qembu laseNaturena.

Lokhu kuqinisekiswe yiChiefs, eveze ukuthi bobabili belulelwe ngeminyaka emibili, kanti kunombandela wokuthi bengeze omunye unyaka uma isiphela. 

UBvuma, oneminyaka engu-28, ungomunye wabakhulele kulo leli qembu njengoba unyuselwe eqenjini elikhulu esuka kwinkulisa yeChiefs. 

Ukhuphukele eqenjini elikhulu ngesizini ka-2016/2017. Udlale umdlalo wakhe wokuqala bebhekene neCape Town City ngo-2017, lapho beshaywe khona ngo 3-2.

Kusukela lapho usedlale imidlalo engu-41, wangangenelwa amagoli kwengu-14.

Lapho kubalwa nomdlalo ongeke ulibaleke lapho babebhekene khona neWydad Athletic Club, koweCaf Champions League (owandulela owamanqamu) ngo-2021.

Njengamanje uBruce Bvuma uyena ovimbayo kwiChiefs, kanti kusuke kukhona uBrandon Peterson ebhentshini.

Ngendlela izinto ezenzeka ngayo kubukeka sengathi u-Itumeleng Khune yisizini yakhe yokugcina le kuMakhosi.

Lo nozinti usamisiwe ekuzimbandakanyeni neqembu kulandela ukutholakala enuka utshwala ejimini yeChiefs.

Inkontileka kaKhune iyaphela ngoJuni nonyaka, kanti kuzocaca lapho ngekusasa lakhe ebholeni.

Okunye okuzohlaluka ukuthi iChiefs izomthola yini unozinti weChippa United, uStanley Nwabali, osekuke kwavela ukuthi iyasibheka isimo sakhe.

Lo nozinti ugila izimanga neqembu lakhe lesizwe iNigeria kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.

ISuper Eagles izobhekana nosokhaya, i-Ivory Coast, emdlalweni wamanqamu we-Afcon, ngeSonto ebusuku.

IChiefs izobuyela emidlalweni yeligi ngokubhekana neTS Galaxy ngoFebhuwari 13.