‘Siyolanda amaphuzu amathathu (kwiDowns) eNingizimu Afrika,’ kusho uRulani Mokwena
SIHLE NGUBO
Useveze ukuthi bazolanda amaphuzu amathathu kuphela eNingizimu Afrika, umqeqeshi we-MC Alger, yase-Algeria, uRulani Mokwena.
Iqembu likaMokwena lizobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni obalulekile kakhulu wokugcina weCAF Champions League kuGroup C, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ziya kulo mdlalo ezikaMokwena zisendaweni yesibili kwilogi kaGroup C, ngamaphuzu ayisikhombisa, kanti iSundowns isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisithupha.
Yize ekhuluma ngamaphuzu amathathu uMokwena, owake waqeqesha iSundowns, kodwa iqembu lakhe lingadlulela phambili noma lidlala ngokulingana nezikaMiguel Cardoso.
Ngasohlangothini lweqembu laseChloorkop ingcindezi ithe ne, okwesinama egusheni, kuCardoso osenyamanambana kubalandeli beSundowns.
Abafana Ba’style badinga ukunqoba nakanjani kulo mdlalo ukuze badlulele phambili kwiChampions League.
ISundowns ibambane neSaint Eloi Lupopo, yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), ngo 1-1, eStade TP Mazembe, ngeSonto.
Lokhu kubeka leli qembu likaCardoso, elisanqobe umdlalo owodwa wamaqoqo, engcupheni yokuphuma kwiChampions League.
UMokwena, owaziwayo ngokuzikhulumela, uthe abadlali bakhe akabalethile eholidini eNingizimu Afrika.
“Bekungaba mnandi ukuthatha abadlali bami ngibase eSafari,” kusho uMokwena.
“Nokho angithandi ukuthatha abadlali ngibase eNingizimu Afrika ukuyohlangana nomndeni wami nabangani.
“Sifuna ukuya eNingizimu Afrika (ukuyobhekana neMamelodi Sundowns) ukuyolanda amaphuzu amathathu.”
Leli qembu lase-Algeria aliyiqalanga kahle imidlalo yamaqoqo kodwa muva nje likhombisa ukuvuka emaqandeni.
I-MC Alger iyona ezihola phambili kwilogi kaLigue 1 ngamaphuzu angu-36 ngemuva kwemidlalo engu-15, kanti isashaywe kanye kuphela.
Leli qembu selivele linayo indebe emashalofini alo, ngemuva kokuqukula i-Algerian Super Cup, kulandela ukunqoba ngo 1-0 kwi-USM Alger kowamanqamu emasontweni edlule.

