EzakamuvaI-CAF Confederation Cup

Umqeqeshi weChiefs ushaya amakhala ngokuthi bamele iNingizimu Afrika kwiCAF

SIHLE NGUBO

Akayizwa kahle eyokuthi bamele iNingizimu Afrika kwiCAF Confederation Cup, omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs, uYousef Ben Khalil.

Uveze lokhu ngemuva kokuthi iChiefs ishaye i-Al Masry, yase-Egypt, ngo 2-1 emdlalweni kaGroup D, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto.

IChiefs ayiwuqalanga kahle umdlalo kodwa izivakashi ebezihlasela kakhulu ngemizuzu yokuqala.

Ngokuhamba kwesikhathi iqembu lasekhaya lizamile ukuhlangana laya phambili.

Lokhu kuholele ekutheni iChiefs ithole iphenathi kulandela ukuthi ibhola lishaye umdlali we-Al Masry engalweni esebhokisini.

Kuke kwaphikiswana kakhulu ngale phenathi, abadlali beqembu lase-Egypt bengafuni ishaywe.

Igcine ishaywe uFlavio da Silva ngomzuzu ka-39, iChiefs yahamba phambili zaze zaya ekhefini.

Ngemuva kwekhefu iChiefs ibidlala ibhola eliyingxovangxova nokwenze ukuthi i-Al Masry ishaye igoli ngomzu ka-57, elize noDeghmoum.

Nokho Amakhosi asheshe alilungisa iphutha ngomzuzu ka-60, u-Aden McCarthy eshaya igoli, yaphinde yahamba phambili iChiefs.

“SiyiKaizer Chiefs kodwa simele iNingizimu Afrika…ngibuzani konje?”, kusho uBen Khalil ngemuva komdlalo.

“Uma ulungiselela imidlalo kumele ucabange ngabadlali neqembu,” kusho uBen Khalil.

“SiyiChiefs sidlala lo mqhudelwano nayo yonke imidlalo yethu yeligi.

“Ngiyakhumbula ngesizini edlule ngesikhathi bedlala (i-Orlando Pirates) imidlalo yeCAF, yashintshwa imidlalo yabo futhi badlala imidlalo yabo emihlanu yokugcina ngoMeyi.

“Sikwenzile lokhu ngesizini edlule, amanye amaqembu adlale imidlalo yokugcina emihlanu noma eyisithupha ngoMeyi.

“Kule sizini sesidlale imidlalo engu-15, nelinye iqembu, angifuni ukusho amagama, selidlale imidlalo engu-15 kodwa alidlali kwiCAF.

“Uma simele iKaizer Chiefs, simele iKaizer Chiefs, kodwa uma simele iNingizimu Afrika, kulungile simele iNingizimu Afrika.”

Ukunqoba kweChiefs kuyenze yahlala esicongweni kwilogi kaGroup D, ngaphambi kwemidlalo yokugcina yamaphuzu.

Amakhosi adinga iphuzu elilodwa ukuze aqinisekise ukuzibekisela indawo kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano.

IChiefs izobhekana neZamalek yase-Egypt, emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Al Salam Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

IZamalek izolwela ukunqoba kulo mdlalo kulandela ukushaywa yiZesco United, yaseZambia, ngo 1-0 ngeSonto.

Komunye umdlalo kaGroup D ngoMgqibelo kuzobhekana i-Al Masry neZesco United, eNew Suez Stadium, ngo-6 ntambama.