IDowns kuzomele igawule ibheke kwi-ASFAR
SIHLE NGUBO
I-ASFAR yaseMorocco ingaba yingozi kwiMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika emdlalweni weCaf Champions League, eHanneur Stadium, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Leli qembu laseMorocco liya kulo mdlalo linokuzethemba okukhulu kulandela ukuyiqala kahle imidlalo yamaqoqo yeChampions League, ngokushaya omkhaya iRaja Casablanca ngo 2-0 ekuhambeni ngenyanga edlule.
Amagoli kulowo mdlalo ashaywa ngu-Ahmed Hammoudan noKhalid Ait Ouarkhane. Bobabili laba badlali kuzomele ibaqaphele iSundowns ngoMgqibelo ebusuku.
I-Al Zaeem, njengoba iteketiswa kanjalo i-ASFAR, ishaye iJS Souale ngo 3-0 emdlalweni weligi ngesonto eledlule, okuyenza ihlale endaweni yesibili kwilogi yeBotola Pro ngemuva kweRS Berkane.
Akungabazeki ukuthi ithimba labaqeqeshi leSundowns liyakwazi konke lokhu futhi ngeke lilithathe kancane leli qembu njengoba lidlalela ekhaya.
Abafana Ba’Style bayiqale ngonyawo lonwabu imidlalo yamaqoqo ngesikhathi bebambana ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo, ngo 0-0 ngenyanga edlule.
Ukuhluleka ukushaya igoli eLoftus Stadium, bebhekene neqembu elingazelwa lutho kwiChampions League, kufanele kumkhathaze kakhulu umqeqeshi uManqoba Mngqithi nethimba lakhe, ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.
Izinto azifani nakwamanye amasizini kwiSundowns esanda kushaywa omakoti bePremiership, iMagesi FC, ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout emasontweni edlule.
Nokho Abafana Ba’Style bavuke bazithatha ngesikhathi bebhaxabula iSekhukhune United ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto edlule.
NjengeManiema Union, ebambe iDowns ekhaya, i-ASFAR izobe iqala ngqa ukubhekana nompetha beligi yaseNingizimu Afrika kwiChampions League.
ISundowns izothemba ukuthi amafolosi ayo aholwa ngu-Iqraam Rayners, azokwazi ukuthola amagoli ngoMgqibelo. URayners akadlalanga ngesikhathi iSundowns ibambana neManiema Union ngenyanga edlule.