IbholaIngosi

Kubukeka kufana nokupheka itshe uqobo ukwenelisa abalandeli beChiefs

SIHLE NGUBO

Akulula neze ukwenelisa abalandeli beKaizer Chiefs futhi kubukeka kunzima kakhulu ukuba abaphathi naleli qembu laseNaturena.

Abalandeli baMakhosi bafuna kwenzeke izinto ngokuthanda kwabo, futhi ukube kuyenzeka ngabe kukhala isicathulo sabo kuleli qembu likaKaizer Motaung.

Uma iqembu lehluleka ukuthola umdlali othile, njengoba kwenzeka ku-Oswin Appollis osedlalela i-Orlando Pirates, bakhwela badilike kubaphathi beqembu.

Nokho sekuvele kaningi ukuthi iChiefs yenza konke okusemandleni ukuthola u-Appollis kwiPolokwane City, kodwa leli qembu layincisha lo mdlali.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi iPolokwane yayisho imali ephezulu kakhulu kwiChiefs ngo-Appollis, kodwa iPirates yagcina imthenge ngemali engaphansi kakhulu kwaleyo.

Nakhuke iqembu lenza konke okusemandleni ukuthola uLangelihle Phili, abalandeli bayaqhubeka nokukhononda ukuthi kudedelwe uGavin Msimango. Lapho iChiefs inenqwaba yabadlali basemuva maphakathi.

Kukhona u-Inacio Miguel, uThabo Moloisane, uZitha Kwinika noRushwin Dortley. UReeve Frostler naye uyakwazi ukudlala maphakathi emuva, kanjalo noSibongiseni Mthethwa uma kuphoqa isimo.

UMsimango abamkhalelayo ubehlushwa ukulimala ngakho akukho okutheni akwenzele iChiefs kumasizini edlule.

UPhili umdlali emdingayo iChiefs uma ubheka ukuthi ngesizini edlule ushaye amagoli ayisishiyagalolunye kuyo yonke imiqhudelwano, waphinde wasiza ukwakha amanye.

Lo mdlali, oneminyaka engu-21, unekhono elingangatshazwa futhi udlale kahle kakhulu kwiStellenbosch FC ngesizini edlule.

Uma iChiefs seyidlala ngokulingana yize yakha inqwaba yamathuba, yibo futhi abalandeli beChiefs abakhonondayo, bashiye abangalazi kubaphathi beqembu.

Umbuzo ithi kusiza ngani ukuba nabadlali abaningi abakwazi ukuvala emuva bese iqembu lehluleka ukuthola amagoli?

Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi ukube iChiefs ihlulekile ukuthola uPhili (okulindeleke ethulwe maduze) bona abalandeli bayo bebezoshiya abangalazi kuKaizer Motaung Jr, bathi iqembu lakubo alifuni ukukhipha imali.

Kuvelile ukuthi iStellenbosch ibifuna u-R16 million etafuleni ngoPhili, yingakho iChiefs ithe abathathe uMsimango no-Ashley du Preez, ukuze kwehle imali.

Bobabili laba badlali akukho okutheni abakwenzele iChiefs ngesizini edlule, ngakho angiboni kuyisinqumo esingaphusile ukubadedela bese ithole umdlali ongayishayela amagoli.

Abalandeli baMakhosi abake bafunde ukwehlisa ukugxeka, bese beseke iqembu njengoba kwenza abanye abalandeli bamaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Shwiii!