EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

U-Arthur Zwane uthi akananxa nabalandeli beChiefs

By Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usekhulume okokuqala kusukela abalandeli bevuke umbhejazane bathi abamudle luhlaza, befuna ashiye kulesi sikhundla. 

Abalandeli balwa, bethuka bejikijela nezinto enkundleni ngemuva kokuthi iChiefs ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0.

Lokhu kwenzeke emdlalweni weDStv Premiership obuseRustenburg Stadium, ePhokeng ngempelasonto edlule. 

Babememeza bethi u-Arthur Zwane akahambe. Ukuhlulwa kweChiefs bese kungokwesine emidlalweni emihlanu. 

Lo mqeqeshi waze waphelezelwa amaphoyisa esephuma enkundleni nokuyila athola khona ukulimala. 

Nokho okaMangethe akananxa nabalandeli futhi uthi ulwazi kahle usizi ababhekene nalo olubenza bathunukale kalula. 

“Sengike ngababona beseka iqembu kukubi noma kukuhle,” usho kanje u-Arthur Zwane ngoLwesine. 

Ukujikelwa kwakhe ngabalandeli ngale ndlela sekuqubule ukuqagela ngekusasa lakhe kuleli qembu. 

“Ngibabinile beseka iqembu nangezikhathi la izinto bezisiphika khona. Ngiyazi bafuna siphucule iqembu. 

“Nathi sikhathazekile ngesimo ngoba besicabanga ukuthi sizobe sesingcono kakhulu isimo ngalesi sikhathi. 

“Kodwa uma usesigabeni esikuso (sokwakha kabusha iqembu) njengamanje, uzohlezi ubhekana namathizethize nezinselelo lapha, nalaphaya. 

“Kodwa ke bona (abalandeli) bahlezi besemicabangweni yethu ngob sihlezi sifuna ukujabulisa. Siyeza ke isikhathi sokuthi bajabule.” 

U-Arthur Zwane uthembise ukuthi izikhathi zenjabulo ziyasondela futhi bayoze bakhohlwe wukuthi bake babhekana sesimo esinjena. 

“Uma sebejabule, izihlathi sezivakashela izindlebe njalo njengabanye abalandeli, bayolibala wukuthi kuke kwanezikhathi ezinjena.” 

FUNDA NALA: IMarumo Gallants ihubhe inyamazane okungeyona, yayeka efanele

IChiefs izovala isizini ngomdlalo la izobhekana khona neCape Town City eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Uma ihluliwe – okuzobe sekungokwesine kulandelana – iyokwehlela endaweni yesihlanu kwilogi.