EzakamuvaIBetway Premiership

UHunt uphawula (sakunengeka) ngokufunwa kukaPhili yiChiefs

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uGavin Hunt, usephawulile ngokufunwa uthuli yiKaizer Chiefs komdlali wakhe wasesiswini uLangelihle Phili.

Yinto eseyaziwa cisho yibo bonke abalandeli nebhola eNingizimu Afrika ukuthi iChiefs igaqele uPhili oneminyaka engu-21.

Kuke kwavela phambilini ukuthi iStellies ifuna u-R16 million ngalo mdlali elingangatshazwa ikhono lakhe.

Okunye okuvelile ukuthi iYoung Africans, yaseTanzania, nayo ibimfuna kodwa yahoxa uma sekuthiwa kumele ishaye u-R16 million etafuleni.

Umphathi wezindaba zalo mdlali, uGlyn Binkin, usanda kuveza ukuthi uPhili bamzamela iqembu phesheya, ngakho bazoyibona indaba yamaqembu akuleli amfunayo uma kungalungi e-Europe.

Amakhosi amfuna ngempela uPhili njengoba abefuna ukukhokha imali nabadlali ngaphezulu ukuze lo mdlali eze eNaturena.

Kulabo badlali kukhona u-Ashley du Preez okungacaci ukuthi uzobe edlala kwiChiefs yini kule sizini ezoqala.

EzikaFernando da Cruz zisakwaze ukusayinisa abadlali abathathu kuphela ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

Labo badlali uThabo Molosiane, osuka kuyona iStellies, uRenaldo Learner, ovela kwiSekhukhune United no-Adolf Mtasingwa odabuka eTanzania.

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isizini entsha yeBetway Premiership, eGoli, uHunt uthe uyazi ukuthi uPhili uyinyama emaqenjini amaningi.

“Nakanjani asifuni ukulahlekelwa umdlali (uPhili), ungomunye wabadlali abashisayo eNingizimu Afrika kodwa konke kuncike ezintweni ezithinta izinkontileka,” kusho uHunt owayeqeqesha iSuperSport United engasekho.

“Kuningi osekushiwo abezindaba, futhi nginesiqiniseko sokuthi osukwini olulodwa noma ezimbili ezizayo sizozwa okunye.

“Angazi ukuthi kuzokwenzekani. Njengamanje ngize esithangamini nabezindaba omunye umdlali weStellies wadayiswa. (UThapelo Mokobodi) osayine kwi-Orlando Pirates.”

UPhili usalelwe yisizini eyodwa kwinkontilela anayo neStellies. Kubukeka sengathi uzophelela kwiChiefs uma egcina engayanga e-Europe.