EzakamuvaIBetway PremiershipIbhola

UPhili kubhekwe ukuthi abe yiLangelihle kwiChiefs asezoyidlalela

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs isiyizingele yaze yayithola inyamazane ebisiyithungathe isikhathi eside, kukhona okuncane obekuyivimba.

Amakhosi agcine emtholile umdlali wasesiswini uLangelihle Phili, obedlalela iStellenbosch FC.

Kudingeke ukuthi leli qembu laseNaturena lihlukane nemali, engadalulwanga, nabadlali ababili, u-Ashley du Preez noGiven Msimango.

IStellies ibifuna u-R16 million etafuleni ngoPhili, okuyikona okwenze ukuthi iChiefs yathi ayithathe abadlali ababili ukuze imali ithi ukwehla.

Ngokusho kukaGlyn Binkin, ophethe izindaba zalo mdlali, bebemzamela iqembu e-Europe okuyikho okwenze kuthathe isikhathi ukuthi agcine eye kwiChiefs.

UPhili, oneminyaka engu-21, ushaye into ecokeme ngesizini edlule lapho ebeke enethini amagoli ayisishiyagalolunye kuyo yonke imiqhudelwano.

Amanye alama goli uwashaye kwiCAF Confederation Cup nokuyinto iChiefs ezobheka ukuthi ayiphinde ngesizini ezoqala, njengoba izoyibamba kulo mqhudelwano.

Yize abanye abalandeli beChiefs bekhala ngokuhamba kukaMsimango kodwa kubukeka kuyiyona ndawo iChiefs ebingakhetha kuyona.

Njengamanje iChiefs isele nabadlali abane abakwazi ukudlala maphakathi emuva, okunguZitha Kwinika, u-Inacio Miguel, uThabo Moloisiane noRushwin Dortley.

Omunye umdlali okwazi ukudlala maphakathi emuva uReeve Frostler, okwazi nokudlala kwesokudla nakwesokunxele emuva.

“IKaizer Chiefs inentokozo ukumemezela ukusayina komdlali omuhle nojabulisayo wasophondweni, uLangelihle Phili, ovela kwiStellenbosch FC,” kusho isitatimende seChiefs.

“Lo mdlali, oneminyaka engu-21 ufika kuMakhosi ngemuva kwesizini edlule enhle lapho eqede njengomdlali onamagoli amaningi kwiStellies, eshaya ayishayigalolunye.

“Uphinde wakhethwa njenge-Player-of-the-Season nePlayers’-player-of-the-Season kuleli qembu.

“Ukudlala kahle kwakhe kumenze wagqama waphinde wabonwa njengomdlali othembisayo kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

“Simamukela ngezandla ezifudumele uLangelihle emndeni wokusagolide nokumnyama, futhi sibheke ukuthi abe nekusasa elihle kuMakhosi.”

IChiefs iyivule kahle kakhulu isizini entsha yeBetway Premiership, ishaya omakoti iKruger United ngo 3-1, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo.

Amakhosi azobhekana neLamontville Golden Arrows kwi-quarterfinal yeMTN8, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.