EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UNguse we-Arrows ufuna ukuba ‘yinkosi yabagadli’ kuleli 

ALFRED NGUBANE

ULungelo Nguse, ongumgadli weGolden Arrows unesifiso sokuba yinkosi yabagadli kuleli kanti ozakwabo uKnox Mutizwa noRyan Moon nomqeqeshi wakhe Mabhuti Khenyeza bayamgqugquzela kulokhu. 

Ukuze enze lokhu, kumele agudluze uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns okunguye ongumgadli ongalibheki ipali ebholeni lakuleli. 

Lo mgadli waseNamibia usehlale ephula izinhliziyo zagadli bakuleli kusukela afika kwiDStv Premiership neHighlands Park.

Kodwa uNguse, oneminyaka engu-24 uzibona engafika ezingeni likaShalulile uma ezoqhubea nokuzikhandla. 

Kumanje uNguse useshaye amagoli amane emidlalweni eyisishiyagalombili kwiPremiership kule sizini okungeyokuqala kuye kulesi sigaba, futhi uthi akaqedile. 

“Ngibonga umqeqeshi uMabhuti ongilekelela kakhulu ekuphuculeni ikhono lami lokushaya amagoli,” kusho uNguse kuleli viki. 

“Uyangicushisa njengoba elidlalile ibhola. Uma ekhuluma ngokushaya igoli, ukhuluma ngento ayazi kahle. Kulula kakhulu ukumqonda ukuthi ufunani.” 

UKhenyeza ungomunye wabagadli abambalwa abanamangoli angaphezu kuka-100 esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli. 

UNguse ubedlala esigabeni seMotsepe Championship Foundation phambilini, emaqenjini afana noBaroka FC, University of Pretoria, neBizana Pondo Chiefs. 

Yilapho athi uqale khona ukuthola isipiliyoni sebhola elikhokhelayo. Njengoba eseqala ukuqina ukhakhayi nje, ulinde ithuba lokuzibonakalisa kubalandeli. 

Alikho ke elidlula leli langempelasonto uma sebebhekene neKaizer Chiefs eChatsworth Stadium ngoMgqibelo. 

Uma uNguse engashaya igoli – noma amabili – kulo mdlalo, lingashona engaconsi phansi kubalandeli bamaqembu ayizimbangi zeChiefs. 

Negama lakhe lingahlale likhumbuleka futhi aqale ukuheha amehlo abalandeli. 

FUNDA NALA: URiveiro ucacisa eyokusheshe amkhiphe uNdlondlo kowoSuthu

Kodwa okwamanje uNguse uthi uzobeka umoya phansi, ancele ulwazi kuKhenyeza nozakwabo amanamava kunaye ukuze aqhubeke akhule.