EzakamuvaIbhola

Okubhekwe uMartin kuMaZulu ngemuva kweviki elinzima

Ngemuva kweviki lobuhlungu kulandela ukushonelwa umgadli uBongi Ntuli, AmaZulu FC abuyela enkundleni. 

UNtuli ushone ngokuzuma ngeSonto elidlule kulandela ukuxinwa wumdlavuza, wafihlwa ngoLwesine.

Leli qembu lithe alicelanga ukuhlehliselwa lo mdlalo olandelayo ngoba lifuna ukuhlonipha ngawo uNtuli.

Usuthu luzogadulisana neGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale ngeSonto ntambama. 

Lo mdlalo uzoqala ngo-3.30 ntabama. Kulindeleke ukuthi ube sezingeni eliphezulu lo mdlalo kwazise womabili lamaqembu asefomini enhle. 

Umqeqeshi woSuthu uPablo Martin usabona lingenza kangcono kakhulu iqembu lakhe, kanti ubheke ukubona lithuthuka.

“Sisekude kakhulu kunezinga engicabanga ukuthi singafika kulo,” kusho lo mqeqeshi kuleli viki. 

“Kusekhona la ngibona kumele senze kangcono khona. Futhi uma ngibheka izidingo zeqembu, kusazomele siqinise ezindaweni ezithile.” 

Ukhuluma kanjena nje uMartin kufanele kwazise ulahlekelwe umgadli obengamsiza kakhulu ngokushona kukaNtuli. 

Kuzokhumbuleka ukuthi nomunye umgadli obekumele afiike kuMaZulu, uVictorien Adebayor wavele wazidlela imali yokuza ayefakelwe yona.

Lo mgadli waseNiger wabe esewaziba AmaZulu kanti kumanje asezinhlelweni zokumfaka icala kwiFifa.  

Lokhu kumshiya engenabo abadlali abenele, ikakhulukazi phambili, lo mqeqeshi.

Kodwa ke okwamanje lo mqeqeshi waseSpain kumele asebenze nganakho futhi uthi uyabona la bebheke khona.

“Siya ngokuba ngcono, kodwa engakubona sibhekene ne-Arrows ngeke kwenzeke emidlalweni elandelayo. 

“Kwakuyinto nje yosuku olulodwa futhi sidinga ukuqhubeka nokusebenza bese sikholwa wukuthi singaba ngcono. Yilokho engikufunayo njengomqeqeshi.” 

Egcina ukuhlangana lamaqembu – emdlalweni weCarling Knockout Cup ngempelasonto edlule – Usuthu lwavuka umbhejazane. 

FUNDA NALA: UJohnson ufuna baqine ngokomqondo abeKaizer Chiefs

Lwayibukanisa nezwe i-Arrows liyivuthela ngo 3-0. Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi i-Arrows izovuma yini ukushaywa kabili yiqembu elilodwa.