Ibamba iyayeka iSafa, isabisa abeBanyana ngokubaxosha
Intatheli yeMpempe
Sekuthathe elinye igxathu ukubona ngaso linye phakathi kweSouth African Football Association (iSafa) neBanyana Banyana.
Kuthiwa iSafa seyisabise abadlali ngokuthi izobakhomba indlela abadlali beBanyana uma beqhubeka nokugoloza ukudlala.
IBanyana inqabe ukudlala eTsakane Stadium ikhala ngokuthi le nkundla ayikho ezingeni elifanele. Bafuna ukudlala kwenye yezinkundla okwakubanjelwe kuzo iNdebe yoMhlaba ngo-2010.
ISABC Sport ibika ukuthi kumanje iSafa izama ukuhlanganisa elinye iqembu elizodlala umdlalo wobungani neBotswana ukuvika ihlazo.
Lo mdlalo kumele udlalwe ngeSonto ngo-3 ntambama. IBanyana ilungiselela ukuya eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand ngasekupheleni kwale nyanga.
Kuvela ukuthi ubuholi beSafa busukumele phezulu, bugcizelela ukuthi kumele bawudlale lo mdlalo noma bazibeka engcupheni yokuphindiselwa emakhaya.
Kusolakala nokuthi kuqoqwe ithimba labadlali abangu-20 abangekho ekhempini yeBanyana njengamanje ukuthi bezodlala neBotswana.
Nongqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uZizi Kodwa, kuzwakala ukuthi usengenelele ukuhlenga lesi simo.
Kuthiwa useke waxhumana neSouth African Football Players Union (Safpu), eyinxenxa ukuthi incenge abadlali ukuthi bawuhloniphe lo mdlalo.
FUNDA NALA: Isayina isihlabani seSundowns iMarumo Gallants
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis usevele ulikhethile iqembu lakhe lokugcina labadlali abangu-23 azoya nalo eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand.