EzakamuvaIbhola

Owayevimba kwiChiefs uyinxusa ukuyoguqa kuMpengesi

Inkakha yeKaizer Chiefs, uWade Du Plessis useqhamuke nesu lokuthi leli qembu livale esinye sezikhala ezithanda ukuba yinkinga eqenjini. 

UDu Plesis usenxuse leli qembu ukuthi liyofongqa isigqoko. Lincenge uSiviwe “Chippa” Mpengesi, limcele alinike unozinti wakhe uStanley Nwabili.

Le nkakha yeChiefs ikuveze lokhu ngesikhathi inengxoxo neMpempe, ithi UNwabili nguyena nozinti ongafike abuyise isithunzi ezintini kwiChiefs. 

“Ngibona ukuthi kumqoka kakhulu kwiKaizer Chiefs ukuthi ihambe iyophuza itiye noChippa Mpengesi, baxoxe ngalo nozinti.

“Ngikusho lokhu ngoba ungunozinti osezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uDu Plessis.

“Uyabonga njengoba ethenjwa yiqembu lesizwe lakubo eNigeria emidlalweni emqoka kanjena ye-Africa Cup of Nations… lokho kuzomenyusela ukuzethemba. 

“Kuzomele ikusukumele phezulu iKaizer Chiefs uma ngabe ifuna ukuvala le nkinga ekhona emapalini ayo.

“Ngiyacabanga ukuthi u-(Itumeleng) Khune uzowabeka ethala amakhokho noma ashiye uma kuphela le sizini ngoJuni.”

IKaizer Chiefs inenkinga kanozinti njengamanje njengoba uKhune emisiwe eqenjini kulandela ukungaziphathi kahle. 

UBrandon Petersen yena ubelandelwe yishwa lokwenza amaphutha anyantisayo uma kuvimbe yena, waze wabuyiselwa ebhentshini.

Kuyiwe ekhefini lemidlalo ye-Afcon sekuvimba uBruce Bvuma. Nokho naye akafiki ezingeni elilindelekile kuleli qembu. 

Ngaphezu kwalokho, iChiefs iyakudinga ukuba nabadlali abancintisanayo kuzo zonke izindawo eqenjini. 

Yingakho ke uDe Plessis ebona kungafanele ichithe isikhathi, kodwa isheshe inikele eGqeberha iyoncenga uMpengesi.

“Uma ngabe bezolala, kuzoqhamuka elinye iqembu limthathe ngempela basale bencela izithupha. 

“Njengoba edlala eqenjini lesizwe elikhulu kanjena nje, maningi kakhulu amaqembu ambonayo ngaphandle kwezwekazi.” 

Lo nozinti ungomunye wabadlala kwiDstv Premiership abaqokwe ngokwethenjwa ngamazwe abo ukuyowasebenzela kwi-Afcon.