EzakamuvaI-MTN 8

OweDowns ufuna bayeke ukubhacaza kweyomkhumulajezi

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi neMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthi kule sizini abazimisele ngokukhishwa kalula emiqhudelwaneni yomkhumulajezi njengoba kwenzekile ngesizini edlule.

Usho lokhu ngemuva kokuqeda uhambo lwase-Austria lapho bebeyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Amalungiselelo esizini entsha eSundowns aphazamisekile ngemuva kokuthi kudlule emhlabeni umdlali wasesiswini, uJayden Adams.

Lokhu kuholele ekutheni kuhlehlisiwe umdlalo wayo wokuvula isizini ebizowudlala neMarumo Gallants kwiBetway Premiership, ngempelasonto.

ISundowns ibuyele eNingizimu Afrika ngeSonto kanti izodlala umdlalo wayo wokuqala wesizini uma seyitholana phezulu nePolokwane City kwi-quarterfinal yeMTN8, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

“Ngonyaka odlule siphumile emiqhudelwaneni, kanti emibili yayo sishaywe kumaphenathi,” kusho uCardoso.

“Asethembe ukuthi kulokhu sizonqoba imidlalo emizuzwini engu-90, ukuze singazitholi sikuleso simo.”

Ngesizini edlule Abafana Ba’style abanqobanga neyodwa indebe engaphansi kwePSL, nobekusho ukuphela kokukhonya amasizini ayishiyagalombili bequkula iBetway Premiership.

Nokho abalandeli baleli qembu laseChloorkop baduduzwe ukuthi linqobe iCAF Champions League, okwesibili emlandweni.

“Sizoqala umdlalo ngamunye futhi iPolokwane iyiqembu elinzima, sidlalile nabo ngasekupheleni kwesizini edlule,” kuqhuba uCardoso.

“Banomqeqeshi omusha ngakho bazokwenza izinto ngendlela ehlukile. Sizobheka ukuthi benze kanjani emdlalweni weligi kodwa okubalulekile ukuthi thina siqala kanjani.

“Kumele sibone ukuthi iyiphi indlela eqinile esizoqala ngayo emdlalweni wokuqala, ikakhulukazi ngokomqondo, nalokho esikufunayo.

“Into esiyifunayo icacile, sifuna ukudlala yonke imidlalo siyinqobe njengoba izobe iqhubeka.

“Ngokwabalandeli, siyazi bebesosizini nathi. Siyakudinga ukwesekwa abalandeli bethu, bakhombise uthando kubadlali nokuhlonipha uJayden Adams isizini yonke.

“Yilokho esikuhlosile. Sizodlala ngezinhliziyo zethu nemiqondo yethu ngoba uyohlale enathi futhi ungomunye wethu.”

IRise and Shine izoya kulo mdlalo ishayela phezulu ngemuva kokuvula isizini ngokushaya iRichards Bay FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto eMhlathuze.