EzakamuvaIbhola

UCaleb Bimenyimana ubonge uMdali exoshwa yiChiefs 

Sbongs Gumbi

Ubungalindela ukuthi kuzomphatha kabi ukuphelelwa wumsebenzi uCaleb Bimenyimana okhululwe yiKaizer Chiefs ngoLwesithathu. 

Kodwa lo mgadli wenze obekungalindelekile ebonga uMdali, ethi uzizwa esebuyelwe yinkululeko yakhe ngemuva kokuxoshwa kwakhe yiChiefs.

IChiefs imemezele ngoLwesithathu ntambama ukuthi iyamkhulula lo mgadli odabuka eBurundi kusaphele isizini eyodwa ekhona. 

UCaleb Bimenyimana udlale imidlalo engu-21, washaya amagoli ayisishiyagalombili kulesi sikhathi eseNaturena. 

Nokho osekuthuse abaningi, kwasusa namahlebezi wukuthi lo mgadli akhombise ukujabula ngesikhathi kuvela lezi zindaba zokuthi uphelile umsebenzi kwiChiefs. 

“Kube yisinqumo esinzima ukusithatha, kodwa ngemuva kwakho konke okwenzekile, besifanele,”ubhale kanje uCaleb Bimenyimana kwi-Instagram yakhe.

“Engingakusho nje wukuthi ngiyabonga kuMdali. Imithandazo yami seyigcine iphendulekile. 

“Ngijabule kakhulu ngokukhululwa kwami. UNkulunkulu akakaze angudumaze mina. 

“Sengikubheke ngabomvu okulandelayo. Ngiyabonga, nisale kahle (wabe esefaka uphawu lweChiefs lweminwe emibili).”

Ukhuluma kanjena nje uCaleb Bimenyimana kuke kwanemibiko yokuthi wahlanjalazwa ngu-Arthur Zwane phambi kozakwabo ngesizini edlule. 

Kuthiwa uZwane, obengumqeqeshi ngaleso sikhathi, wamtshela emehlweni phambi kwabanye abadlali ejimini ukuthi akasamdingi eqenjini lakhe. 

Yize engacacisanga ukuthi yini le embi kangaka ebisimhlalise lubhojozi kwiChiefs, kucacile ukuthi inhlalo ibingeyinhle. 

Omunye umdlali waseBurundi owayedlala kwiChiefs, uValery Nahayo uncome isibindi nokuqina emqondweni kukaBimenyimana. 

“Uqinile mfowethu futhi usaya kude ngomsebenzi wakho webhola. Izinto ezingcono zizokwenzeka maduze,” uphendule kanje uNahayo.

U-Edmilson Dove, obenguzakwabo kaBimenyimana kwiChiefs, naye uphendulile evalelisa kulolu swahla lwaseBurundi. 

FUNDA NALA: Unqaba ukunconywa ngegoli lakhe uBandile Shandu odumele

“(Uqale ngegama eliyinhlamba abebeteketisana ngalo)… Uthando lodwa mfowethu,” ubhale kanje uDove.