IKwaZulu-Natal isethubeni lokushaya amaphiko ngokunqoba izindebe kwiPremiership
SIHLE NGUBO
Izindaba zokunyukela kwiBetway Premiership kweMilford FC, akungabazeki ukuthi zizokwehla kahle kubalandeli bebhola baKwaZulu-Natal.
IStallions iqinisekise ukuthi inyukela lapho kunoju khona ngemuva kokubambana neMagesi ngo 1-1, emdlalweni wokugcina wokuhlunga ngoMgqibelo ntambama.
Leli qembu laKwaZulu-Natal belidinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze lidle umhlanganiso kule midlalo yokuhlunga.
IMilford izenzele izinto zaba lula ngokushaya iMagesi FC neCape Town City emidlalweni yokuqala yokuhlunga.
Kube sengathi leli qembu, elidlalela eMhlathuze Sports Complex, liyaqhuzuka ngesikhathi lishaywa yiCity kodwa kulisizile ukunqoba imidlalo emibili yokuqala.
Njengoba iStallions iye emdlalweni wokugcina inamaphuzu ayisithupha, bese idinga ukuthi ingashaywa kuphela yiMagesi ukuze izibekisele indawo kwiPremiership.
Ukunqoba kwaleli qembu kusho ukuthi iKwaZulu-Natal isinamaqembu amahlanu azoyibamba kwiPremiership ngesizini ezayo.
IMilford ijoyine AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay FC neDurban City.
Lokhu kuzokwenza ukuthi ibe miningi imidlalo ezodlalelwa kulesi sifundazwe, nokuyinto ezothuthukisa umnotho kanjalo nezokuvakasha.
Amaqembu aKwaZulu-Natal azophinde athole ithuba elingcono lokunqoba izindebe njengoba esemahlanu kwiligi ephezulu.
Kuvele lokho sekuqalile ukwenzeka njengoba iDurban City inqobe iNedbank Cup ekupheleni kwesizini edlule.
Ngasohlangothini lweMagesi FC lokhu kusho ukubuyela kwiMotsepe Foundation Championship, okuyizindaba ezimuncu kuleli qembu.
Lokhu kuchaza ukuthi mabili amaqembu abegijima kwiPremiership adliwe yizembe njengoba ne-Orbit College ishone phansi.
Iqembu elidle umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship yiKruger United esizoyibamba kwiPremiership.

