Umqeqeshi weChiefs weneme kodwa usafuna ukufaka ‘isikole’ sakhe kubadlali
SIHLE NGUBO
Ngemuva kokuvula kahle isizini yeBetway Premiership, iKaizer Chiefs ishaya iKruger United ngo 3-1, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo, seyibheke umdlalo weMTN8 ngempelasonto.
Amakhosi ayiqale kahle isizini ethola amaphuzu aphelele ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando da Cruz.
Amagoli eChiefs ashaywe uFlavio da Silva noWandile Duba, oshaye amabili esuka ebhentshini. Elokubika leKruger lishaywe uKhethukuthula Ndlovu.
Kulo mdlalo kugqame kakhulu ukudlala kahle kukaLuke Baartman, ngokubambisana no-Ethan Chislett kwesokunxele.
IChiefs izodlala umdlalo wayo wokuqala ekhaya njengoba izokwamukela iLamontville Golden Arrows kwi-quarterfinal yeMTN8, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.
“Okokuqala ngifuna ukubongela abadlali nami ngokuthola amaphuzu amathathu,” kusho uDA Cruz ngemuva komdlalo.
“Besiwuphethe umdlalo emizuzwini engu-30 yokuqala kodwa kwengu-15, ngaphambi kokuya ekhefini, besitatazela kakhulu. Yilapho sidedele khona igoli behlasela okokuqala.”
NgoMsombuluko IChiefs iqinisekise ukuthi isayinise uLangelihle Phili ovela kwiStellenbosch FC.
Bese kunesikhathi eside leli qembu laseNaturena limataniswa nalo oshaye into ecokeme kwiStellies ngesizini edlule.
UDa Cruz uzokwethemba ukuthi uPhili uzofika nomfutho owengeziwe, enezezele kulo abaqale ngawo ngoMgqibelo eNelspruit.
“Sisemizameni yokufaka (emiqondweni yabadlali) indlela yethu yokudlala,” kusho uDa Cruz odabuka eFrance.
“Abadlali bayayijabulela futhi basebenza kanzima ukuze baqonde ukuthi iyiphi indlela esifuna ukudlala ngayo.
“Sisadlale imidlalo emibili kuphela, ehambe kahle, kodwa sinesizini ende esimele futhi sizoqhubeka sisebenze kanzima ukuze sibe ngcono.”
Ngaphambi kokuqala kwemidlalo yesizini entsha iChiefs inqobe ngo 1-0 kwiScotland FC yaseZimbabwe, badlalela iToyota Cup.
Amakhosi azodlala imidlalo eminingi kule sizini njengoba ezophinde ayibambe kwiCAF Confederation Cup.
Leli qembu lihluleke kancane ukudlulela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ngesizini edlule, kulandela usukhishwa emidlalweni yamaqoqo.

