USiyethemba Sithebe ukhipha imfihlo kaNtseki kwiChiefs
Sbongs Gumbi
Akungabazeki ukuthi umbuzo omkhulu ngoMolefi Ntseki wukuthi ngabe sikhona yini isikhali esiyimfihlo afike naso kwiKaizer Chiefs, umdlali wasesiswini uSiyethemba Sithebe uthi ikhona.
Lo mdlali wasesiswini ukwisizini yakhe yesibili kuleli qembu lasenaturena nengoba efike kulo ngesizini edlule esuka kuMaZulu FC.
Ufikele ku-Arthur Zwane ogcine ebuyiselwa eceleni ngenxa yokungavunwa yizinto ngesizini edlule njengoba sekunguNtseki nje manje umqeqeshi.
UZwane yena ubuyele ekubeni yiphini la enoDillon Shepard ekusizeni uNtseki kule nyakanyaka yomsebenzi abhekene nawo.
“Ngeke ngithi uyasinqumela okumele sikwenze, kodwa ngingathi usifaka umfutho ngaso sonke isikhathi,” ucashunwe esho kanje uSiyethemba Sithebe kwabe-iDiski Times.
“Uhlezi esitshela ukuthi, ‘iKaizer Chiefs yiqembu elikhulu, kumele sehlise umoya futhi imiphumela izoqhamuka’.
“Umqeqeshi uhlezi esitshela ukuthi masibe neso lethemba, sibe nomdlandla. Uhlezi esitshela ukuthi uma siqhubeka ngaleyo ndlela, sizonqoba.”
UNtseki ungene kulo msebenzi iningi labalandeli lingamuzwa kahle ikakhulukazi njengoba babelindele ukuthi kuqashwe umqeqeshi onegama.
Isizini akayiqalanga ke ngendlela ejabulisayo futhi lokhu kwaholela ekutheni azithole esejukujelwa ngabalandeli.
Bamjikijela kulandela ukuphindwa ngenduku yiTS Galaxy eMbombela Stadium emavikini ambalwa edlule.
Iqembu lihlawulisiwe ngalesi esibi futhi esiyichilo sabalandeli balo. Liphinde lathembisa ukuqala uhlelo lokuhambela abalandeli libafuundisa ngokuziphatha.
FUNDA NALA: Unemengokukhula kwelabesifazane uPhewa ‘owayehola u-R50’
Njengegama lakhe, uSiyethemba Sithebe unethemba lokuthi izinto zizogcina zilungile kwiChiefs ngaphansi kukaNtseki.
IChiefs ibuyela enkundleni ngoSepthemba 16, la izobhekana khona neRoyal AM eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership.