Ochithwe yiChiefs usayine kwiTS Galaxy
SIHLE NGUBO
Obengumdlali weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, usethushuke kwiTS Galaxy ngemuva kwesikhathi eside kungacaci ukuthi uzodlalela liphi iqembu.
UDolly ungomunye wabadlali abachithwe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Abanye abakhonjwe indlela uSiyethemba Sithebe, osedlalela iRichards Bay FC, noSifiso Hlanti ongakalitholi iqembu.
Lo mdlali, oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns, uke wajima neSuperSport United obekubhekwe ukuthi asayine kuyona ngaphambi kokuqala kwesizini.
Nokho kubuye kwavela ukuthi uDolly ubezanyelwa iqembu phesheya yimenenja yakhe. Kubukeka sengathi akuzange kuhlangane kuleyo mizamo.
UDolly akabanga nesizini enhle edlule naMakhosi njengoba ubengadlali ngenxa yokulimala. Kusolakala ukuthi yikho lokhu okwenze iChiefs yamchitha ngesekuqaleni kwesizini.
Kuvela ukuthi uDolly usayine inkontileka yonyaka owodwa neRockets. Leli qembu lidonsa kanzima selokhu kuqale isizini entsha.
Lokhu kuholele ekutheni kuxoshwe obengumqeqeshi uSead Ramovic othushuke kwiYoung Africans yaseTunisia. Leli qembu lisanda ukwehlukana noMiguel Gamondi ngenxa yokungavunywa yimiphumela.
Emdlalweni olandelayo iTS Galaxy izobhekana neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ngoNovemba 26.
IRockets ayikanqobi nowodwa umdlalo kweyisithupha yeligi eyidlalile. Lokhu kwenza ukuthi iyibambe emsileni kwilogi yePremieship.