EzakamuvaIbhola

UChivaviro uyilokhu ayikho manje ngamacebo ami – Malesela

Njabulo Shezi

UDan Malesela uthi uRanga Chivaviro ngabe akayena lo mdlali obangwayo njengamanje ngaphandle kokumcebisa kwakhe ngokumele aphucuke kukho. 

Lo mqeqeshi ubesebenza noChivaviro kwiMarumo Gallants ngesizini edlule ngaphambi kokuthi axoshwe ngenxa yokuphikwa yimiphumela. 

Uthi ukube uChivaviro washeshe wathola umqeqeshi ozomcebisa ngendlela efanele ngabe ukude kakhulu kumanje ngebhola lakhe. 

Lo mgadli uze wavelela ngesizini edlule eseneminyaka engu-30 njengoba eshaye amagoli angu-17 emiqhudelwaneni ehlukene. 

Lokhu kumphendule inyama emaqenjini ehlukene kulandela ukudliwa yizembe kweGallants. Kumanje udaba lwakhe luyinkiyankiya. 

Ubangwa yiGallants, ethi yamelulela inkontileka, neRichards Bay ethi yamsayinisa inkontileka yesethembiso ngoJanuwari. 

IGallants imdayisele i-Orlando Pirates ehambisana noKatlego Otladisa. IRichards Bay nayo ithi ngowayo kanti yona seyivume ukumdayisela iKaizer Chiefs. 

Njengoba kuqhubeka lo mbango ngaye, uDan Malesela uchazele abePower FM kuleli viki ukuthi yine le avusa ngayo lo mgadli. 

“Okuhlekisayo kulento wukuthi inqwaba yabadlali engibacijile phambilini badlulela emaqenjini amakhulu,” kusho uDan Malesela.

“Okunye wukuthi iningi labadlali abadlule esandleni sami baphelela kwiPirates, angazi ke kwenziwa yini lokho,” kusho lo mqeqeshi naye owayedlala kwiPirates ngezikhathi zakhe. 

“Uma ngikhuluma iqiniso nje, ngathi kuye (uChivaviro), ‘uyazi wena kukhona la owabambezeleka khona, kukhona owakuchithela isikhathi ngokungakufundisi izinto ezidingeka kumgadli’. 

“Kuningi ke akuthatha kulokhu engamluleka ngakho. Wayefundiseke kabi, isibonelo nje ubengakwazi ukubambisana nabanye abadlali. 

“Ibhola selijikile manje ngale ndlela yokuthi noma ungumgadli kumele ukwazi ukudlalisa nabanye ozakwenu enkundleni.

FUNDA NALA: Uphahlukile wahleka uGavin Hunt kudilizwa uZwane esikhundleni

“Yena wayengafundisekanga lokho, azi ukuthi kumele abheke epalini ayoshaya igoli kuphela noma isimo singamvumeli. Kodwa manje useyakwazi ukudlalisa nabanye,” kuchaza uDan Malesela.