‘Bakhishwe inxiwa’ abadlali baMaZulu abangasadingeki
Alfred Ngubane
Sebephenduke izinhlwa abadlali baMaZulu FC okuthiwa umqeqeshi uPablo Martin akayingeni indaba yabo, futhi ngeke abasebenzise.
Laba badlali sebekhishwe inxiwa njengoba sebejinyiswa bodwa eceleni, bengazihlanganisi neqembu kuze kube bathola amanye amaqembu abazodlala kuwo.
Abanye balaba badlali ngomkhaya uSiphesihle Maduna waseMnambithi noMxolisi Kunene waseNyanyadu.
Ngokuthola kweMpempe laba badlali baMaZulu abekho ezinhlweleni zikaMartin kodwa abaxoshiwe ngoba iqembu linezinkontileka nabo.
UNhlanhla Mkhathini oyisikhulu sezokuxhumana Osuthwini ushaye ngamafuphi uma ebuzwa ngabo, wathi abadlali bakhona eqenjini abaxoshiwe.
“Basengabadlali beqembu. Uma kukhona okushintshayo iqembu lizomemezela njengenjwayelo,” kusho uMkhathini.
Kubhekwe ukuthi abaphathi bamqume maduze ukuthi kuzokwenzakalani ngabo njengoba kuvela ukuthi umqeqeshi akabadingi.
UMaduna akuqali ukuthi abhekane nesimo sokuphuma ngomnyango njengoba naphambilini wabuya kade esekhonjwe indlela.
Ngaleso sikhathi wasizwa nguBenni McCarthy owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi owamkhalela kubaphathi, wathi usamdinga.
UMaduna uphuma enkulisa yoSuthu kanti wakhushulelwa eqenjini elikhulu nguCavin Johnson owayengumqeqeshi waleli qembu ngaleso sikhathi.
UKunene yena ubesizwa ngendaba isikimu selokhu afika kuleli qembu laseThekwini esuka kwiMaritzburg United.
Nokulimala akuzange kumsize njengoba ehlale ingxenye enkulu yesizini edlule ezama ukwelulama.
UMartin ubonakala engumqeqeshi owaziyo into ayifunayo njengoba konke akwenzayo ekhombisa ukuhleleka kakhulu kunabaqeqeshi bangaphambilini.
Bakhona nabanye abadlali baMaZulu okuthiwa abaphathi basaxoxisana nabo ngokuthi bashiye kuleli qembu ngoba umqeqeshi uthe abekho ezinhlelweni zakhe.
FUNDA NALA: Ilungu leSafa elathuka uDoctor Khumalo seliphinde labhoxa
Usuthu luvele ludedele abadlali abangu-14 okukhona kubo noThabo Qalinge noGabadinho Mhango osejoyine iMoroka Swallows.