Afcon 2023Ezakamuva

Injabulo kwabaseNigeria kwelulama u-Osimhen 

Uma iNingizimu Afrika beyizitshela ukuthi iyoyifica ixhugela iNigeria, engekho umgadli wayo ohamba phambili, uVictor Osimhen, ishaye eceleni kwashunqa uthuli. 

U-Osimhen kuke kwanokungabaza ukuthi uzoba khona yini uma iNigeria seyiqhuthana neNingizimu Afrika. 

Lamazwe azogadulisana emdlalweni owandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations ngoLwesithathu ebusuku. 

Lo mgadli odlala kwiNapoli e-Italy uke waxinwa yisisu futhi kwaba nokungabaza ukuthi uzokwazi ukuwudlala lo mdlalo.

Nokho ezakamuva eziphuma ekhempini yeSuper Eagles zithi useluleme futhi odokotela sebembuyisele ekhempini. 

Yize esashaye igoli elilodwa emidlalweni emihlanu, u-Osimhen ukukhombisile ukuthi uyingozi enkulu. 

Izitobha kumele zihlezi ziwavule wonke amehlo uma zimqaphile ngoba uyakwazi nokuphakela ozakwabo ukuthi bashaye amagoli. 

“Wonke amalungu eqembu asuke e-Abidjan aya e-Bouaké namuhla ngendiza ye-Air Cote D’Ivoire ngo-10pm,” kusho abeSuper Eagles ngoMsombuluko. “U-Osimhen akazange ahambe neqembu ngenxa yenkinga yesisu. 

“Odokotela beqembu bakuqinisekisile ukuthi ubhekwe ngeso lokhozi futhi kunethimba elisele naye e-Abidjan. 

“Uma kuwukuthi kusa eluleme, uzojoyina iqembu lonke ngaphambi kuka-5pm.” 

Leli qembu belingakakuqinisekisi ukuthi u-Osimhen usebuyelile ekhempini kodwa sekuyaziwa ukuthi useluleme.

Abanye ke basola ukuthi ubevele engenalutho, bekuyisu nje lokuthikameza ukucabanga kwabeBafana Bafana. 

Umlando walo mdlalo uvuna yona iSuper Eagles ukuthi ingakwazi ukuphoxa iBafana iyibuyisele ekhaya ingasafikanga kowamanqamu.

Kodwa ifomu yeBafana kulo mqhudelwano kufanele ukuthi iyilalisa obenyoni iSuper Eagles.

Phela iBafana iyona ewashise iMorocco ijezi kungazelele muntu, iyibhaxabula ngo 2-0 emzuliswaneni wokuqala kweyomkhumulajezi.