I-Downs isayinise uThabo Cele yize engaphasanga ngesikhathi ehlolwa
SIHLE NGUBO
Ukumenyezelwa kukaThabo Cele njengomdlali omusha weMamelodi Sundowns, kunyakazise izinkundla zokuxhumana ngoLwesine, abalandeli bebhola bephawula ngezindlela ezahlukene.
Bekungakapheli nezinsuku ezingakhi lo mdlali, odabuka KwaMashu, eThekwini, ehlukane neKaizer Chiefs ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe.
Esitatimendeni iChiefs ayichazanga izinto eziningi ngaphandle kokuthi inkontileka inqanyulwe ngemuva kwezingxoxo nomdlali, okuholele ekutheni kube nesivumelwano sokuthi kuhlukanwe.
Impempe ibikile ukuthi uCele udlale umqhudelwano waseKasi, iThabo Thalente Tournament, oba khona ngoJuni KwaMashu, uma kuvalwe isizini.
Lokhu kungenzeka ukuthi yikona okuqhathe lo mdlali neChiefs, ngoba abadlali bebhola elikhokhelayo abavunyelwe ukudlala imidlalo yaseKasi, noma yeziteki.
Lo mqhudelwano, osuneminyaka emibili wasungulwa, uhlelwa uyena uCele ngokubambisana noThalente Mbatha, ongumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates.
Umthombo weMpempe ongaphakathi, upotshoze ukuthi uCele usayine kwiSundowns bazi kahle ukuthi akawona umqemane, futhi ubengekho esimeni esihle ngesikhathi ehlolwa eChloorkop kuleli sonto.
“Ngike ngezwa kuthiwa uThabo Cele ama-medicals (medical tests) akawaphasanga,” kusho umthombo weMpempe ongashayi eceleni.
“Kodwa-ke nansi iSundowns seyimethula (njengomdlali wayo omusha). Yena nje akawaphasanga (ama-medicals) ngenxa yalokhu kulimala kwakhe njalo (injuries).”
UCele useke waba nenkinga yokulimala kwiChiefs, okumenze wahlala isikhashana engalithinti ibhola.
Ukudlala kwakhe imidlalo yaseKasi bekuwukuzifaka engozini enkulu njengoba ebuye ahlushwe ukulimala.
“Mina ngizwile kukhulunywa ehhovisi ukuthi uThabo uwafeyilile ama-medicals ngenxa yokulimala. Gwiqiqi akuphelanga namahora amabili sengiyabona usefakiwe (ethulwa yiSundowns).
“Hhayi bandla indaba yeSundowns. Imyisaphi pho? Angiqondi mina.”
Ngokwemibiko uCele usayine inkontileka yeminyaka emibili nompetha beCAF Champions League.
Ukuhlolwa kwabadlali, ngaphambi yokusayina izinkontileka, yinto ebaluleke kakhulu ukuze iqembu lazi ukuthi umdlali usuke ekusiphi isimo ngokomzimba wakhe.
Kungenzeka ukuthi ukungabi umqemane ngokwanele kukaCele yinto engasho lutho kwiSundowns, engalungiseka kalula.
Impempe ihoshe ukuthi uCele unenkinga yedolo futhi kumele lihlinzwe akwazi ukudlula kule nkinga, kungenjalo lizohlale limhlupha.
Abafana Ba’Style bazobhekana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership, eBuffalo City Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

