EzakamuvaIbhola

USukazi uphawula ngamahlebezi amatanisa uRamovic neChiefs

Ukuvela kokuthi iKaizer Chiefs – elinye lamaqembu amakhulu kuleli – icabanga ukuntshontsha umqeqeshi wakhe kumenza aziqhenye uTim Sukazi.

Lesi sikhulu seTS Galaxy siveze lokhu ngesikhathi sikhuluma kwiMetro FM ngoLwesithathu ebusuku. 

Yize ekuvezile ukuthi iChiefs ibingakasho lutho kuye noma kuSead Ramovic, kodwa ke kuyaziwa ukuthi abantu bebhola baphika nento esobala. 

“Sengike ngawezwa amahlebezi okuthi umqeqeshi wethu ufunwa yiChiefs,” kusho uTim Sukazi.

“Kodwa ke kusengamahlebezi nje ngoba akekho oseke wavela kithi ezokhuluma ngalokhu. 

“Nokho nami ngiyayifuna iChiefs eqinile. Ngiyamthanda (uRamovic), ungumqeqeshi wami.

“Kodwa ungumqeqeshi engaziyo ukuthi engasijika isimo seChiefs futhi iNingizimu Afrika idinga iKaizer Chiefs eqinile.” 

USukazi wazana noRamovic esengumdlali phesheya njengoba ayeyimenenja yakhe.

Kuthe uma esenze izifundo zakhe zokuqeqesha – uphethe i-Uefa Pro License – wamlanda ukuzocija iGalaxy.

Kulabo badlali singabala uMelusi Buthelezi osedlala kwi-Orlando Pirates noBathusi Aubass okwiMamelodi Sundowns.

Selokhu efikile leli qembu liya ngokukhula nangokuqina futhi likhiqiza abadlali abagcina bethengwe amaqembu amakhulu.

IChiefs njengamanje isemkhankasweni wokuthola umqeqeshi ozokwazi ukujika isimo njengoba seyiqede iminyaka ebheke eshumini ingenandebe. 

URamovic usevele njengomunye wabaqeqeshi leli qembu elicabanga ukubalanda ukuzozama ukulungisa lesi simo esesiyihlazo. 

Abanye babaqeqeshi ababalwayo kulo msebenzi oManqoba Mngqithi, Pitso Mosimane nabanye bangaphandle kwakuleli.

Nokho sekuvelile ukuthi abaphathi bengafisa kube ngumqeqeshi oselazi ibhola nabadlali bakuleli ukuze engathathi sikhathi eside ukuthola imiphumela.