Abalandeli baseThekwini bacikwa eyokushintshwa komdlalo we-Arrows neChiefs
SIHLE NGUBO
Badinwe bayaveva abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal, kulandela isimemezelo seLamontville Golden Arrows mayelana nomdlalo weBetway Premiership, okumele iwudlale neKaizer Chiefs.
Lo mdlalo bekufanele ube seThekwini ngoSepthemba 19 (ngoMgqibelo) kodwa i-Arrows ihlulekile ukuthola inkundla kuleli dolobha, ngokusho kwesitatimende sayo.
Abalandeli bebhola baseThekwini namaphethelo, bahlale bekubheke ngabomvu ukufika kwamaqembu amakhulu, afana neChiefs, yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Yingakho nje abaningi bezwakalise ukudumala kwiFacebook, ngesikhathi kuvela ukuthi lo mdlalo ngeke usadlalelwa eThekwini.
“ILamontville Golden Arrows nabanye ebambisene nabo, ifisa ukumemezela ukuthi umdlalo wayo neKaizer Chiefs, obekuhlelwe ukuthi ube seThekwini ngoSepthemba 19, sewuthuthele eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoSepthemba 20 ngo-3 ntambama,” kusho isitatimende esithunyelwe yi-Arrows.
“Iqembu lizame konke okusemandleni kodwa lehluleka ukuthola enye inkundla eThekwini.
“Umdlalo kuphoqelekile ukuthi uyiswe kwenye indawo, ngenxa yezingqinamba nezinselelo ezingaphezu kweqembu.
“Iqembu likuqonda kahle ukuthi lo mdlalo usuke ubhekwe ngabomvu ikakhulukazi kubalandeli baseThekwini nezindawo ezakhele leli dolobha.
“Ngakho liyaxolisa kakhulu kubalandeli baseThekwini namaphethelo, abebebheke ukwethamela lo mdlalo, ngokuyiswa komdlalo kwenye indawo.
“Sithanda ukubonga bonke esibambisene nabo, ikakhulukazi iKaizer Chiefs, ngokuqonda isimo ngesikhathi sizama ukushintsha inkundla okuzodlalelwa kuyona.”
Amathikithi alo mdlalo abiza u-R100 lilinye, kanti azoqala ukudayisa eComputicket, ngoLwesihlanu (Septhemba 11).
I-Arrows igcine ukungena enkundleni ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns, emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.
Kulo mdlalo, obese kungokwesibili iSundowns itholana ne-Arrows enkundleni efanayo evikini, kunqobe iDowns ngo 2-1.
Akucaci ukuthi kungani umdlalo we-Arrows neChiefs ungayi eKing Zwelithini Stadium, njengoba kwenzekile Abafana Bes’thende bebhekene naBafana Ba’Style, kabili kulandelana.
IChiefs igcine ishaye iSiwelele FC ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto.
Igcina ukudlala eThekwini iChiefs, ibibhekene neRichards Bay FC, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, emdlalweni ophele ngo 2-2.

