EzakamuvaIBetway Premiership

Umqeqeshi oxoshwe yiqembu lePSL uphefumula ngesimo sakhe

SIHLE NGUBO

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ekhonjwe indlela yiMarumo Gallants, umqeqeshi uPhuti Mohafe usephawulile ngokuxoshwa kwakhe.

UMohafe ungomunye wabaqeqeshi abathathu asebephelelwe umsebenzi njengoba kuqhubeka imidlalo yeBetway Premiership.

Abanye abaqeqeshi asebexoshiwe uCedric Kaze, obecija iSekhukhune United, noLehlohonolo Seema, obeqeqesha iSiwelele FC.

Nokho iSiwelele iveze ukuthi isengambuyisa uSeema, nephini lakhe uWillem Jackson, uma sekuqediwe ukucubungula okwenziwa ngaphakathi eqenjini.

UMohafe, oxoshwe nephini lakhe uMusa Bilankulu, uthi abaphathi beqembu baphange umdaka ngokumkhomba eza ngayo.

“Ngicabanga ukuthi isitswebhu basheshe basiqhumisa, ngoba uma ubheka indlela iqembu ebese liqala ukudlala ngayo, bekukhona umehluko omkhulu,” kusho uMohafe ekhuluma noSipho Mlotha.

“Ngiyile kusihlalo (u-Abram Sello) ehhovisi lakhe. Sihlale phansi ngalolu daba, saxoxa, kodwa into abeyesaba ukuthi iqembu liphuma kuphi noma belikuphi esikhathini esedlule. Ubecabanga ukuthi sihamba endleleni efanayo.

“Iyona indlela abezizwa ngayo leyo. Ekugcineni bekumele sivumelane ukuthi ngeke sivumalane, kodwa sagcina sesivumelana ngokuthi kunqanyulwe inkontileka.”

IGallants ingelinye lamaqembu amahlanu angakanqobi nowodwa umdlalo selokhu kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

Amanye amaqembu asazama ukunqoba okokuqala kule sizini yiRichards Bay FC, iSiwelele FC, iChippa United neKruger United, esanda kunyukela kwiBetway Premiership.

“Angicabangi ukuthi imidlalo emihlanu yenele kubaqeqeshi (ukuthi bathole imiphumela emihle) ngaphandle uma ufica iqembu eliwumshini njenge-Orlando Pirates, enqobayo, bese ufike lapho njengomqeqeshi ushaywe emidlalweni.”

IGallants inomdlalo onzima njengoba izovakashela AmaZulu FC, koweBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.