Usuthu luthi alwazi lutho ngekaZwane neBafana Bafana
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC athi awazi lutho ngemibiko esisabalele yokuthi umqeqeshi waleli qembu, u-Arthur “10111” Zwane, uzoncelisa amawele ngokucija Usuthu aphinde abe yiphini likaPitso Mosimane kwiBafana Bafana.
Kuleli sonto kusabalale ukuthi uJingles, njengoba aziwa ebholeni laseNingizimu Afrika uMosimane, ufuna uZwane ukuthi azosebenza naye eqenjini lesizwe.
Ngokwemibiko uZwane ngeke alushiye Usuthu kodwa uzosebenza kwiBafana Bafana njengephini uma kunemidlalo yeqembu lesizwe.
Impempe ibe seyithinta uPhilani “Pro” Ndlela, okhulumela AmaZulu, ukuthola ukuthi leli qembu laseThekwini selike lakhuluma yini neSAFA mayelana noZwane.
“Lutho. Nathi sifunda ngakho lokhu kwabezindaba,” kusho uNdlela kafushane.
Ebuzwa ukuthi uZwane uke wakhuluma yini ngalokhu eqenjini, uthe: “Cha. Kodwa ayinuki ingosiwe.”
UZwane wenza kahle kuMaZulu selokhu ethathe izintambo, futhi iyabonakala indima ayikamayo kuleli qembu.
UMosimane uzama ukuqinisa ithimba lakhe azoqeqesha nalo njengoba esenikwe ithuba lesibili lokucija iqembu lesizwe.
Kusanda kuvela ukuthi uMosimane useqhwebe uMorena Ramoreboli ukuthi azoba yiphini lakhe lokuqala kwiBafana Bafana.
URamoreboli ungumqeqeshi weqembu lesizwe laseBotswana, okungumsebenzi okuvela ukuthi uzowushiya uma evuma ukuzosebenza noMosimane.
IBafana Bafana beyicijwa uHugo Broos, obesizwa uHelman Mkhalele, oshiyile ngemuva kweNdebe yoMhlaba ebiseCanada, eMexico nase-USA.
Kukholakala ukuthi iSAFA beyifuna aqhubeke njengephini uMkhalele, ukuze kube nenqubekela phambili kwiBafana Bafana, kodwa uMosimane unezinye izinhlelo.
IBafana Bafana izobhekana neGuinea emdlalweni wokuhlunga we-AFCON, e-Orlando Amstel Arena, ngoSepthemba 26.
Emdlalweni olandelayo wokuhlunga iqembu likaMosimane lizolibangisa e-Egypt lapho lizobhekana ne-Eritrea ngoSepthemba 30.
Emdlalweni wokugcina wekhefu leFIFA, iBafana Bafana izobhekana ne-Egypt emdlalweni wobungani, eCairo International Stadium, ngo-Okthoba 4.
UMosimane kulindeleke ukuthi ehlise isikwati asimemezele emasontweni edlule, sibe nabadlali abangu-23, ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

