Ngabe ukulimala kukaBrandon Petersen ‘kuyisibusiso’ ebesidingwa yiChiefs?
SIHLE NGUBO
Balokhu beqhubeka nokulimala abadlali beKaizer Chiefs njengoba nesizini ka-2026/2027 yeBetway Premiership, nayo iqhubeka.
Selokhu iqalile isizini entsha abadlali baMakhosi bayalimala, nosekushiye imibuzo eminingi kubalandeli baleli qembu laseNaturena.
Kuyimanje akabonwa uLangelihle Phili obhinyike iqakala emasontweni edlule, lapho kuvele ukuthi uzodinga amasonto ayisishiyagalombili ukuze elulame.
Lokhu kuyikhinyabeze kakhulu iChiefs ngoba uPhili, obesuka kwiStellenbosch FC, ufike kwacaca kwiChiefs.
Lo mdlali, oneminyaka engu-21, ushaye igoli ngesikhathi iChiefs ibambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, ngenyanga edlule.
Abanye abadlali beChiefs abasazama ukululama uFlavio Da Silva, ongumgadli, uRushwin Dortley, odlala emuva, uThabiso Monyane, odlala emuva, uKabelo Nkgwesa, odlala emuva, noThulani Mabaso odlala esiswini.
UBradley Cross, obelimele, udlale okokuqala kule sizini ngesikhathi iChiefs ibambana nePolokwane City ngo 1-1 ngoMgqibelo odlule.
Kulo mdlalo kubonakale noReeve Frosler, naye obelimele, kanti ebhentshini ubekhona uPaseka Mako, obuya ekulimaleni.
Ngokusho komqeqeshi weChiefs, uFernando Da Cruz, useluleme uNkanyiso Shinga, ongakaze adlale umdlalo osemthethweni selokhu efike kuMakhosi ngesizini edlule, kodwa abafuni ukumjaha.
Ezivela eNaturena zithi sekulimale abanye abadlali ababili ababalulekile, okuyinto ezomphathisa nekhanda umqeqeshi uDa Cruz.
“Unozinti uBrandon Petersen uthole ukulimala edolweni ngesikhathi sokuziqeqesha ngoLwesibili ekuseni, kanti uzohlala isikhathi esilinganiselwa emavikini ayisithupha,” kusho isitatimende seChiefs.
“UWandile Duba yena ngeke adlale amasonto amabili ngemuva kokuthinteka enqulwini nokuklunyuka kabi khona.
“Iqembu lifisela uPetersen noDuba ukwelulama ngokushesha, futhi libheke ukuthi babuye babe yingxenye yeqembu kungekudala.”
Ukulimala kukaPetersen, ongukaputeni weqembu, kufike ngesikhathi enengcindezi enkulu ngenxa yokwenza amaphutha aselahlekisele iChiefs amaphuzu abalulekile.
Mhlawumbe lokhu kuzomnika ithuba elikahle lokususa ukucindezeka kuyena, njengoba abalandeli bese bekhononda kakhulu ngamaphutha akhe.
Kulindeleke ukuthi uRenaldo Learner abe sezintini uma iChiefs seyitholana phezulu neLamontville Golden Arrows, emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
UPetersen angase aphuthwe umdlalo womkhaya ophakathi kwe-Orlando Pirates neChiefs, eFNB Stadium, ngo-Okthoba 31.

