AmaProteas

UBavuma namaProteas bawuqophe kabusha umlando behlaza i-India

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iphule irekhodi ebese lihlale iminyaka ishaya i-India ngama-run angu-408 kwiTest yesibili e-Assam Cricket Association Stadium, e-India, ngoLwesithathu ekuseni.

Lokhu kunqoba iTest yesibili kuchaza ukuthi amaProteas akhale emuka nochungechunge lwemidlalo yeTest emibili ngo 2-0, okuyinto okungelula ukuthi amaqembu ayenze e-India.

INingizimu Afrika iyaqala ukunqoba uchungechunge lwemidlalo yeTest e-India eminyakeni engu-25.

Yagcina ukwenza lokhu ngo-2000, okukhombisa ngokusobala ukuthi amaProteas kungani ingompetha beWorld Test Cricket (WTC).

INingizimu Afrika iyona ebhethe kuqala yenza kahle kakhulu ngosuku lokuqala, iqoqa ama-run abalulekile.

AmaProteas aze akhishwa wonke ngosuku lwesibili kodwa umonakalo bese wenzekile ngoba abesehlanganise ama-run angu-489.

Kwi-innings yokuqala kudlale kahle uSuran Muthusamy owenze ama-run angu-109 noMarco Jansen ophume esena-93.

Ngasohlangothini lwe-India umdlali oshwibe kahle uKuldeep Yadav othathe amawikhethi amane.

Iphendula i-India kube sengathi idlala enkundleni ehluke kakhulu, nokusheshe kwacaca ukuthi ngeke iwunqobe umdlalo.

UJansen uthathe amawikhethi ayisithupha ukuqinisekisa ukuthi i-India iphuma yonke isahlanganise ama-run angu-201.

Abadlali abazamile kwi-India uYashasvi Jaiswal (58) noWashington Sundar (48).

INingizimu Afrika bekubhekwe iphoqe i-India ukuthi ibhethe futhi (follow on) ngoba ibihamba phambili ngama-run angu-281.

Nokho uTemba Bavuma nethimba labaqeqeshi bakhethe ukubuyela enkundleni babhethe, bezama ukuphumuza abashwibi.

INingizimu Afrika igcine yenze ama-run angu-260/5 kwi-innings yesibili, nobekusho ukuthi ihamba phambili ngama-run angu-549.

UTristan Stubbs ube nebhadi lokuphuma ena-94 kanti omunye umdlali obhethe kahle uTony de Zorzi naye obe nebhadi lokuphuma ena-49.

Kwi-innings yesibili ye-India bekubhoke uSimon Harmer othathe amawikhethi amane, iqembu lasekhaya lazithola lina 84/5.

UHarmer uqhubekile wathatha amanye amawikhethi amabili njengoba egcine enayisithupha kulo mdlalo.

Ulekelwe uKeshav Maharaj othathe amawikhethi amabili okugcina, kwaphela kanjalo nge-India.

U-Aiden Makram uqophe owakhe umlando enqaka amabhola ayisishiyalolunye emdlalweni weTest.

“Umuzwa omnandi. Akulula ukuza e-India unqobe uchungechunge lwemidlalo yeTest,” kusho uMarkram ngemuva komdlalo.

“Ngiyaziqhenya ngeqembu esinalo, kuyisivivinyo esikhulu ukuza lapha sifike sinqobe…abafana bashaye into ecokeme kakhulu kulo mdlalo.”

URavindra Jadeja uyena obhethe kahle kwi-India njengoba ephume ena-54. Abanye akukho okutheni abakwenzile i-India yakhishwa yonke ina-140.

Lokhu kuchaza ukuthi uBavuma usenqobe imidlalo engu-11 njengokaputeni kwengu-12 ehola iqembu.