AmaProteasEzakamuva

AmaProteas abeke unyawo olulodwa kweyandulela owamanqamu kweyoMhlaba yeT20

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika ibeke unyawo olulodwa kweyandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba yeT20, ngemuva kokushaya iWest Indies ngamawikhethi ayisishiyagalolunye emdlalweni kaGroup 1, eNarendra Modi Stadium, e-Ahmedabad, ngoLwesine.

AmaProteas asefomini enhle kakhulu kulo mqhudelwano futhi abukeka engelinye lamaqembu angase awunqobe.

INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu kuleli qoqo.

I-West Indies ivele yalivuthela zisuka ibhola, yashaya ama-run angu-29 kuma-over amabili okuqala.

Kweyesithathu kungene uKagiso Rabada wakhipha uShai Hope (16), obekhombisa ukuba nomfutho, walandelisa ngoShimron Hetmyer (2) obesanda kungena, nowaziwayo ukuthi uyingozi.

Konke lokhu kuwushintshe kakhulu umdlalo kodwa iWest Indies iqhubekile nokushaya ibhola.

Kube sekungena uLungi Ngidi wathatha awakhe amawikhethi amabili, ingcindezi yabuyela kwiWest Indies.

Nge-over yakhe yesibili uNgidi ukhiphe uRovman Powell, iWest Indies yazithola ina-71/6. Lo mshwibi ubesethathe amawikhethi amathathu, esangenelwe ama-run angu-12 kuphela.

Kuvele kwacaca ukuthi akuhambi kahle kwiWest Indies ngesikhathi kuphuma uMatthew Forde esenze ama-run angu-11 kuphela, kwaba ngu-83/7. Bese kuyiwikhethi yesibili kaCorbin Bosch.

Abadlali abenze kahle beWest Indies uJason Holder (49) noShepherd (52*), yagcina ihlanganise ama-run angu-176 kuma-over angu-20.

Iphendula iNingizimu Afrika iqale kahle kakhulu, kubhetha ukaputeni u-Aiden Markram (82*) noQuinton de Kock, ophume esena-47.

Ukudlala kahle kwalaba bobabili kwenze ukuthi akhuleleka amaProteas, abesukela u-177 ukuze anqobe.

UMarkram, oqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kulo mdlalo, ulekelelwe uRyan Rickelton, owenze ama-run angu-45, iNingizimu Afrika yaqeda ina-177/1 kuma-over angu-16.1

INingizimu Afrika yilona lodwa iqembu elingayazi induku kule Ndebe yoMhlaba yeT20 ka-2026, kanti iWest Indies ibishaywa okokuqala.

Emdlalweni olandelayo amaProteas azobhekana nomakhelwane iZimbabwe, ngeSonto, eNew Delhi, kuthi iWest Indies itholane phezulu ne-India, emdlalweni okumele iwunqobe nakanjani ukuze idlulele kweyandulela owamanqamu.