UNgidi uqobe i-Australia emuka nochungechunge amaProteas
SIHLE NGUBO
ULungi Ngidi uthathe amawikhethi amahlanu ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya i-Australia ngàma-run angu-84 emdlalweni wesibili wosuku olulodwa eGreat Barrier Reef Arena, ngoLwesihlanu.
INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala kulo mdlalo.
Yenze ama-run angu-277 yaphuma yonke nobekubukeka sengathi akwenele ukuthi ishaye iqembu lasekhaya.
Ngesikhathi kubhetha izivakashi kwenze kahle uMatthew Breetzke (88), uTriston Stubbs (74) noTony de Zorzi (38).
Umshwibi we-Australia uZampa uthathe amawikhethi amathathu, amaProteas aphuma wonke kwi-over ka-49.1.
Iphendula i-Australia ayiqalanga neze kahle ilahlekelwa amawikhethi amathathu kwi-powerplay.
Lokhu kwenze yangakwazi ukuqoqa ama-run ngokushesha beyimpintshile abashwibi bamaProteas.
Kuzame u-Englis okhishwe uNgidi esenze ama-run angu-87.
“Ngiyajabula ngokudlala kahle namuhla ebusuku,” kusho uNgidi obe umdlali wosuku.
“Benginakho ukwesaba ngasekugcineni kodwa ngicabanga ukuthi iwikhethi ibe nakho ukungisiza.”
Abanye abadlali beNingizimu Afrika abathathe amawikhethi uMuthusamy (amabili) noBurger naye oze namabili.
Ukunqoba kweNingizimu Afrika kuchaza ukuthi ukuthi seyinqobe uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa emithathu njengoba seyihamba phambili ngo 2-0.
Umdlalo wesithathu nowokugcina uzokuba ngeSonto kanti kulindeleke ukuthi amaProteas azame ukushaya i-Australia ngo 3-0.
Emdlalweni wangoLwesihlanu ubengekho ukaputeni uTemba Bavuma, iqembu beliholwa u-Aiden Markram.

