IBafana Bafana izodlala ne-Eritrea ixhugela kowokuhlungela i-AFCON
SIHLE NGUBO
IBafana Bafana kuzomele idlale umdlalo wayo wokuhlunga weCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ngaphandle kwabadlali bayo ababili abalimale emdlalweni odlule.
Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika liyiqale kahle imidlalo yokuhlunga lishaya iGuinea ngo 2-1 e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo.
EzikaPitso Mosimane zizobhekana ne-Eritrea emdlalweni wesibili wokuhlunga, eCairo International Stadium, e-Egypt, ngoLwesithathu ngo-6 ntambama.
UMosimane uqinisekise ukuthi uTeboho Mokoena no-Aubrey Modiba ngeke babe khona kulo mdlalo ngenxa yokulimala.
“UMokoena wayesehudula umlenze sekusele imizuzu embalwa ukuthi kuphele umdlalo, futhi wasinika konke ukuze sigoqe umdlalo,” kusho uMosimane.
Uthe laba badlali beMamelodi Sundowns abakaze baziqeqeshe neqembu selokhu lifike eCairo, e-Egypt.
“U-Aubrey ngeke abe khona, uTeboho ngeke abe khona. Abakaze baziqeqeshe (neqembu) selokhu sifikile.
“Udokotela ubathathile wayobahlola, kwavela ukuthi balimele futhi ngeke sikwazi ukubasebenzisa.”
Ngemuva kwalo mdlalo wokuhlunga iNingizimu Afrika izobhekana ne-Egypt emdlalweni wobungani, khona eCairo International Stadium.
Nakulo mdlalo akubonakali bezodlala oMokoena noModiba njengoba belimele.
Indawo kaMokoena kulindeleke ukuthi ithathwe uBathusi Aubbass esiswini, kanti ekaModiba kubhekwe ukuthi ivalwe uSamukelo Kabini, ongene washaya igoli iBafana Bafana ibhekene neGuinea.
Imidlalo yokuhlungela i-AFCON iyashisa njengoba amazwe athathwa njengamakhulu e-Afrika ethola isibhaxu.
NgoLwesibili iGambia ishaye iGhana ngo 4-2, kwathi iGuinea-Bassau yaqumba phansi iNigeria ngo 3-0.

