EzakamuvaIbhola

UKamwendo uhlaba eyezihlabani eziningi kakhulu kwiPirates

Usola ukuthengwa kwezihlabani phezu kwezinye ngokundandaza ndawonye kwe-Orlando Pirates owayedlala kuyo kudala uJosephy Kamwendo. 

Emidlalweni emithathu edlule iPirates ibonakala yehluleka wukuthola imiphumela emihle nengabuyisa ithemba lokuthi izophinde ibe nesizini enhle. 

IPirates ihlulwe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana emdlalweni womlenze wokuqala kweyokuhlungela isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League. 

Leli qembu likaMorena Ramoreboli layiguqisa ngo 1-0 iPirates. Kulandele iMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership, nayo iyishaya ngo 1-0. 

Nangempelasonto kube yiso leso ishaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlawleni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8. 

Nokho iPirates yiyo edlulele kowamanqamu ngenxa yombandela wamagoli asekuhambeni njengoba umdlalo uphele ngo 2-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela. 

Lokhu kujama ndawonye kweBucs sekuqala ukubakhathaza abathanda nabasondelene naleli qembu. 

NoKamwendo, owayeyibamba esiswini ebizwa ngoShakira kuleli qmebu naye usekhathazekile. 

“Uyazi into enkulu wukuthi isikwati lihlukile kwelangesizini edlule,” kusho uKamwendo kwabe-SNL24. 

“Iqembu lisayine abadlali abahle kule sizini futhi ngicabanga ukuthi inkinga ikubantu abasebenzayo okubalwa kubo nethimba labaqeqeshi. 

“Banabadlali abasezingeni eliphezulu futhi abangadlala njalo kunoma yiliphi iqembu kwi-PSL, kanti inkinga iqala lapho ke. 

“Umqeqeshi unabadlali abaningi kakhulu abasezingeni eliphezulu futhi lokho kwenza kube nzima kuye ukuqoka iqembu elizoqala imidlalo. 

“Yingakho imiphumela ingemihle kule midlalo emithathu edlule,” kuchaza le nsizwa eyayidala kwiBucs phambilini. 

UKamwendo uthi uJose Riveiro, ongumqeqeshi wePirates,  usuke walijika kakhulu iqembu ngokushesha, okuyinto ephazamise umgqigqo. 

“Bekumele baqhubeke neqembu ebelidlala ngesizini edlule, bashintshe uma kukhona olimele noma omisiwe. 

“Kumele bathole abadlali abakwazi ukuxhumana kahle abazoqala ngabo imidlalo ukuze bakwazi ukubuyisa umgqigqo wokunqoba.” 

Umdlalo olandelayo kumele nakanjani iPirates iwunqobe. Uma sehlulekile, izozithola isehlazweni elibi. 

Izobhekana neJwaneng Galaxy emlenzeni wesibili wemidlalo yokuhlunga yeChampions League e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa. 

FUNDA NALA: UZwane weDowns uthi iStellies isenzima ngaphandle kuka-Ox 

Uma ingahluleka wukunqoba kulo mdlalo, izozothola seyisheshe iliwasha ijezi kulo mqhudelwano ebhekwe kakhulu kuwo.