EzakamuvaIbhola

Okwenza uNdlanya afise ukuyobuka iChiefs ijima

UPollen “Trompies” Ndlanya, owadlala kwiKaizer Chiefs unxusa uKaizer Motaung ukuthi ameme izinkakha zaleli qembu zike zizobona indlela yokuziqeqesha kwabadlali eNaturena. 

Le nkakha ikhala ngabadlali beKaizer Chiefs ukuthi bazidalela bona ingcindezi kubalandeli ngokunganqobi imidlalo ngisho elula. 

“Sehlulwa nangamaqembu amancane, lokho kubadalela isithunzi esibi kubantu bebhola nabalandeli,” kusho uNdlanya. 

“Ngisola ukuthi nangendlela yokuziqeqesha ayikho nhlobo ezingeni elifanele njengoba behlulwa kangaka nje, behluleka ukunqoba. 

Kumanje leli qembu selishintshe abaqeqeshi abaningi ngesikhathi esifushane kodwa kuhlanga zimuka nomoya.

“Bonke laba baqeqeshi abakhulumi ngabadlali beKaizer Chiefs ukuthi banjani… Kodwa bayabavikela kakhulu kanti lokho kuyababulala.” 

Sekuneminyaka ebheke eshumini manje iChiefs ingasayazi indebe kanti lokhu akukhathazi abalandeli nje kuphela, kodwa nezinkakha ezasebenza kanzima ukwakha igama leChiefs. 

UNdlanya ngomunye walabo abafisa ukuthi kulungiswe isimo – nanganoma yiyiphi indlela efanele. 

Yingakho enesifiso sokuthi bake bayozibonela ngawabo iqembu lizicija ukuze bakwazi ukuhlonza inkinga.