‘Owamanqamu (oweConfed Cup) esizowudlala ngeSonto,’ kusho oweChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs kumele ilwele ukunqoba iCAF Confederation Cup nesicoco seligi, ngokusho kwemenenja yaleli qembu, uBobby Motaung.
Amakhosi asephumile kwiNedbank Cup kulandela ukushaywa yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weLast 32, eCape Town Stadium, ngoLwesithathu.
Lokhu kuchaza ukuthi zimbili kuphela izindebe leli qembu laseNaturena elingazinqoba kule sizini, okuyiConfederation Cup neBetway Premiership.
IChiefs isendaweni yesithathu kwilogi yePremiership ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-15.
Isele ngamahlanu kwi-Orlando Pirates ezihola phambili ngawu-35, ngemuva kwemidlalo efanayo.
KwiConfederation Cup Amakhosi nakhona asendaweni yesithathu kwilogi kaGroup C, ngamaphuzu ayisikhombisa.
Leli qembu laseNaturena linalo ithuba lokuqhwakela kuleli qoqo, uma lingashaya i-Al Masry yase-Egypt, emdlalweni osemqoka ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ngo-3 ntambama.
UMotaung uthe bazofela enkundleni kulo mdlalo ngoba abafuni ukuphuma kule ndebe.
“Umdlalo wamanqamu kithina ngeSonto, siya laphaya ukuyodlala owamanqamu,” kusho uMotaung kwiDiski Times.
“Kumele sidlulele phambili, kumele sibuyise ithemba futhi sibe nokugqugquzeleka.
“Besilokhu senza kahle kuze kube yimanje, kwaze kwabe siyashaywa ngoLwesithathu.”
IChiefs bese inqobe imidlalo emine selokhu kuqale u-2026, kuyo yonke imiqhudelwano.
Okufanele kulungiswe Amakhosi ukushaya igoli elilodwa emdlalweni ngamunye, yize akha inqwaba yamathuba.
“Kumele sibuyise ukuzethemba kwethu, sibuye futhi sigqugquzeleke,” kuqhuba uMotaung.
“Kithina kubalulekile kakhulu, sifuna ukufika kowamanqamu kule ndebe.
“Sinenselelo yokuzama ngakho konke ukunqoba le ndebe, siphinde sibe nenye yokulwela ukunqoba isicoco seligi.”
Ukunqoba kweChiefs ngeSonto kungenza ukuthi ibeke unyawo olulodwa kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
Emdlalweni wokuqala wamaqoqo iChiefs ishaywe yi-Al Masry ngo 2-1 e-Egypt. Lokhu kuchaza ukuthi leli yithuba lokuziphindiselela kuleli qembu laseNaturena.
Ngemuva kwalo mdlalo kuzobe sekusele owodwa wamaqoqo, lapho Amakhosi ezobhekana neZamalek yase-Egypt ekuhambeni.
IZamalek izobhekana neZesco United emdlalweni okulindeleke ukuthi liwunqobe leli qembu lase-Egypt, eLevy Mnawanasawa Stadium, eZambia, ngeSonto ngo-3 ntambama.
IZesco iyona okutatshwa kuyona amaphuzu kuleli qoqo njengoba ingakanqobi nowodwa umdlalo.
Kuzoyiwa kule midlalo kuyiZamalek ezihola phambili kwilogi kaGroup C, kulandela ukushaya omkhaya i-Al Masry ngo 2-1 ngeledlule.

