EzakamuvaI-MTN 8

Ithuba lokubuka oweBucs neDowns mahhala, endaweni ephephile eThekwini

SIHLE NGUBO

Kunxenxwa abalandeli bakanobhutshuzwayo, abangenawo amathikithi, ukuthi bayobuka umdlalo wamanqamu weMTN8, endaweni evulelekile yokubuka (Public Viewing Areas (PVA) ehleliwe eThekwini.

Kulo mdlalo kuzotholana phezulu i-Orlando Pirates, evikela indebe yeMTN8, neMamelodi Sundowns, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Baningi abalandeli abasale bebambe amakhanda, bekhala, ngemuva kokuthi bengakwazanga ukuthenga amathikithi ngoLwesihlanu olwedlule.

Iningi likhale ngokuthi lizame isikhathi eside ukuthola amathikithi ngohlelo lwe-online, kodwa kwagcina kungalunganga.

Njengoba kuza lo mdlalo, obhekwe ngabomvu eThekwini, yisililo nxa zonke abathandi bakanobhutshuzwayo bekhala ngokuthi ngeke bakwazi ukuya enkundleni.

Nokho eThekwini kunqunywe ukuthi kube khona okwenziwayo ngalokhu, kwahlelwa indawo yokubuka lo mdlalo, lapho abalandeli bezothokozela umculo, badanse, bazizwe sengathi basenkundleni.

Lokhu kuzokwenzeka eBay of Plenty, eBeach Front, lapho kuzobe kunendawo ehlelekile yokuthi abalandeli bethamele umdlalo weMTN8 ndawonye.

Kuzobe kungenwa mahhala kule ndawo, kanti kuzovulwa ngo-12 emini ukuze abathandi bebhola bezofike bazinze kahle kusenesikhathi.

Umqondisi weCommercial Sports Directorate eThekwini, uDkt Zakhi Mkhize, uthe yinto abebeyihlelele ukuthi kube nezindawo ezivulelekile zokubuka lo mdlalo, ngoba akubona bonke abalandeli abebezothola amathikithi.

“Besikulindele ukuthi amathikithi omdlalo wamanqamu weMTN8, azodayiswa aphele ngokushesha,” kusho uMkhize ongene esikhundleni asiphethe ekuqaleni kukaSepthemba.

“Besazi futhi ukuthi imidlalo yamanqamu igaqelwe abaningi, kanti inkundla efana neMoses Mabhida Stadium iyona ekwazi ukuyisingatha.

“Idolobha (iTheku) ngokubambisana nePSL, benze uhlelo lokuthi bonke labo abahlele ukuza eThekwini, bakwazi ukuyobuka mahhala umdlalo endaweni ehlelwe kahle yomphakathi (PVA).

“Yize kuzobe kubukwa ibhola kodwa kuzophinde kube nokuzijabulisa, endaweni ephephile, kusuka ngo-12 emini kuze kube u-12 ekuseni (ngeSonto).

“Abantu abazobuka ibhola kwiPVA abanayo ingcindezi yokuthi basheshe bahambe edolobheni, kodwa bazokwazi ukuzijabulela endaweni evulelekile ephephile ngasolwandle, cisho uMgqibelo wonke.”

UMkhize uqinisekise ukuthi ezokuphepha zizobe ziphezulu kakhulu kule ndawo yokubuka ibhola.

“Lo mcimbi siwuthatha njengaleyo engaba yingcuphe noma enobungozi, ngakho siziqinise kakhulu ezokuphepha, silandela umthetho iSafety at Sports and Recreation Events Act, 2010 (Acct No. 2 of 2010),” kuqhuba yena.

“Lokhu kumbandakanya ukuhleleka endaweni yokungena, amamashali azobe engcwele yonke indawo, ukuba khona konogada nalabo bezimo eziphuthumayo.”

Mayelana nokuthi abalandeli bavunyelwe yini ukuziphathela ama-cooler box, uMkhize uthe:

“I-PVA eseBay of Plenty ikhethwe ngoba iphephile, kufikeka kalula kuyona futhi izonika abalandeli injabulo ngosuku lomdlalo.

“Le ndawo ikahle futhi iseduze kwezitolo zokudla (restaurants), kanjalo nolwandle ukuze abalandeli bajabule eThekwini ngesikhathi bebuka umdlalo wamanqamu weMTN8.”

Uphethe ngokuthi acele abalandeli basheshe bafike ngoba buningi ubumnandi obuzobe bukhona, njengoba kukhona nabaculi abazolokhu beshiyelana inkundla.