Umqeqeshi weBafana Bafana uzishaya isifuba ngokunqoba kwi-Egypt eCairo
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uPitso Mosimane, uncome izinga le-Egypt ngemuva kokunqoba ngo 1-0 emdlalweni wobungani, eCairo International Stadium, ngeSonto ebusuku.
Lo mdlalo bekuliwa kuwona sengathi owamanqamu wendebe ebalulekile, yize bekungowokungcweka nje.
Kunesikhathi lapho kuphakame khona umoya emabhentshini womabili ngasekupheleni komdlalo.
Igoli eliwelise iNingizimu Afrika ngelibanzi lishaywe uPuso Dithejane ngesiwombe sesibili, ngemuva kokuthi ziye ekhefini kungu 0-0.
Bekungokokuqala lo mdlali weChicago Fire, edlala kwiMLS, e-USA, eshaya igoli egqoke imibala yeqembu lesizwe.
EzikaFaro bezibophele iqembu eliqinile kulo mdlalo, nokucacise ukuthi bezifuna ngayo yonke indlela ukunqoba.
Ngakolunye uhlangothi uMosimane ubenike abadlali abangajwayele ukudlala ithuba, nokucaciswe ukuthi kube noshintsho lwabadlali abayisishiyagalolunye.
Bese kungokwesithathu kulandelana uMosimane enqoba neqembu lesizwe, selokhu ethathe izintambo ihlandla lesibili.
Emdlalweni wokuqala wokuhlungela iCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027, iBafana Bafana ishaye iGuinea ngo 2-1, e-Orlando Amstel Arena, ngeledlule.
Kowesibili iqembu lakuleli libhudluze i-Eritrea ngo 5-0 khona eCairo International Stadium, e-Egypt.
Lokhu kuchaza ukuthi ezikaMosimane zishaye amagoli ayisishiyagalombili, zangenelwa elilodwa emidlalweni emithathu.
Lo mqeqeshi, oke wacija iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, yase-Egypt, ngempumelelo, uzwakale ezishaya isifuba ngamabutho akhe, ngemuva kokunqoba ngeSonto.
“Uyazi sidlale neqembu elikhulu. Okwangempela sidlale neqembu elikhulu,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo.
“Bebephethe uBencharki, uZizo, u-Emam Ashour, noMostafa Mohamed.
“Uyabona sidlale imidlalo emikhulu kodwa bekunzima, nokho sinqobile.”
Ukuqala kahle kanje kukaMosimane kuzosusa ingcindezi kulo mqeqeshi ngemuva kokungena ezicathulweni zikaHugo Broos, oshiye ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Lo mqeqeshi waseBelgium ushiye eyibeke ezingeni elingcono kakhulu iBafana Bafana.
Lokhu kubonakale ngokuthi izibekisele indawo kwi-AFCON neNdebe yoMhlaba, ngemuva kwesikhathi eside ihluleka ukwenza lokho.
UMosimane ubukeka ezoqhubeka lapho, ngoba okwamanje akukho okuningi akushintshile ngeqembu, usabize abadlali abebeyibamba kusaphethe uBroos.

