I-PSL ayiphumele obala ngemigomo eyibekele abaxhasi
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) kusamele ike ikhanyisele thina esingazi ukuthi ithini ngempela imigomo yayo uma kuza ekuxhasweni kwamaqembu angaphansi kwayo izinkampani ezithile.
Nginesiqiniseko sokuthi baningi abadideke njengami, futhi sekunesikhathi bedunguza oswini.
Lokhu kwenziwa wukuthi isandla se-PSL sokunxele sibuye sibukeke singenzi okufanayo naleso esokudla.
Yebo ngiyavuma ukuthi ukuhlehliswa kwemidlalo emibili yeMoroka Swallows, ngoDisemba, kufake iligi kwelikhulu ihlazo, futhi nakanjani iZinyoni kumele zihlawuliswe kanzima.
Konke sekuyohlaluka ngoLwesine (ngoJanuwari 11) uma sekuhlalelwe leli cala.
Kuzokhumbuleka ukuthi iSwallows yehlulekile ukuya emdlalweni weDStv Premiership ebizowudlala neMamelodi Sundowns ngoDisemba 27.
Kuphinde kwaba yinto efanayo ngomdlalo ebizowudlala neLamontville Golden Arrows ngoDisemba 30.
Kuyavela ke ukuthi esidlekeni seZinyoni babamba bayayeka ngenkece.
Kuyimanje akukacaci noma sebeholelwe yini abadlali njengoba ngoDisemba bebengakayitholi imiholo yabo.
I-PSL yanqabela iTelkom ukuxhasa iSwallows
Okungishiya nginemibuzo nokho ukuthi i-PSL isebenzisa miphi imigomo uma iqembu lizosayina inkontileka nenkampani ethile.
Phela sekuke kwavela ukuthi iTelkom ike yazama ukusayina isivumelwano sokuxhasa iSwallows kodwa i-PSL yathi ngeke kwenzeke lokho.
Angazike yabeka izaba zokuthi kushayisana kanjani lokho nemigomo yayo.
Muva nje kuphinde kwavela ukuthi iGoldrush, okuyinkampani yokugembula, ibizama nayo ukusayina isivumelwano neZinyoni kodwa nalapho kwakhona okuvimbayo.
Kuthiwa ke uma amaqembu esayina izivumelwano nezinkampani zokugembula kunesigaxa sombandela wokuzinikela ukuthi inkampani leyo izokwenza izinto ngendlela okufuna ngayo iPSL.
Iyona iPSL engayichaza leya nkanankana yayo. Nanguke omunye umbuzo.
Ngabe kwahanjiswa kanjalo ngesikhathi i-10Bet isayina isivumelwano sokuxhasa i-Arrows?
Lo mbuzo ungaphendulwa usihlalo wePSL u-Irvin Khoza nobhululu wakhe uMato Madlala, osebe yisikhulu esiphezulu esibambile sePSL, kwaze kwaqeketha ingane eyazalwa ethatha lesi sikhundla.
Ngokubona kwami amaqembu ePSL awaphethwe ngendlela efanayo.
UJohn Commitis weCape Town City, uze wayisa enkantolo iPSL kubangwa ukuthi ubesesayine isivumelwano soxhaso neFNB.
Nalapho iPSL ibizama ukukuvimba lokhu kodwa iCitizen yaliwina icala.
Kuyinto engeyinhle ukuthi amaqembu kumele alwe kanje ukuze athole abaxhasi.
I-Orlando Pirates neKaizer Chiefs bayazititilizela ekuxhasweni yiVodacom futhi sekuphele iminyaka.
Angikaze ngizwe kukhona oyiphathayo eyokuthi ukuxhaswa kwabo yile nkampani kuyashayisana nokuthi iMTN iyona engabaxhasi beMTN8 okuvulwa ngayo isizini eNingizimu Afrika.
Mhlawumbe i-PSL kumele isihlebele ukuthi ngempela ithini imigomo yayo uma kukhulunywa ngokuxhaswa kwamaqembu yizinkampani.
FUNDA NALA: Isisombululo seSundowns ngesibalo sabokufika eqenjini
Uma kungakenzeki lokhu sizolokhu sikholelwa wukuthi kukhona abazicabangela bona namaqembu abo – abangenandaba nesimo semali kwamanye amaqembu. Shwiii!

