EzakamuvaIBetway Premiership

IChiefs kulindeleke yethule umgadli waseGermany

SIHLE NGUBO

Kukholakala ukuthi iKaizer Chiefs ingase imangaze abaningi ngokwethula umgadli omusha, yize selivaliwe iwindi lokusayinisa abadlali.

Ezinkundleni zokuxhumana kunomdlali olokhu evela, ematananiswa naMakhosi kodwa leli qembu alikasho lutho ngaye.

Nokho Impempe ihoshe ukuthi lo mdlali ukhona eNaturena kodwa bebengakafuni ukusheshe bamethule.

Njengoba bekunekhefu leFIFA lo mdlali ubeziqeqesha neqembu futhi kukholakala ukuthi uvele usesayinile.

Igama lalo mdlali uCedric Teuchert, ongowokudabuka eGermany, kanti uneminyaka engu-29.

UTeuchert ukwazi ukudlala njengomgadli, umdlali wasesiswini ohlaselayo noma wasophondweni lwesokudla.

Njengamanje lo mdlali akanalo iqembu kulandela ukushiya iSt. Louis City SC, edlala kwiMajor League Soccer (MLS), e-USA.

Ezweni azalelwe kulona uTeuchert useke wadlalela amaqembu afana neHannover 96, iSchalke 04, ne-Union Berlin.

IChiefs ike yahlaselwa ukulimala kwabagadli bayo ababili, uFlavio da Silva, okuthiwa useluleme, no-Etiosa Ighadora, okuyiwe ekhefini leFIFA eseyiqala imidlalo.

Lokhu kuholele ekutheni leli qembu laseNaturena lilahle amaphuzu, ngenxa yokudlala imidlalo eminingi ngokulingana, yize belakha inqwaba yamathuba.

UKhanyisa Mayo, okuqalwe isizini elimele, naye kuvela ukuthi useluleme ngokuphelele.

Lo mdlali ushaye amagoli amabili ngesikhathi iChiefs izizwa amandla, ibhekene neTS Galaxy emdlalweni wobungani, ngesonto eledlule.

Omunye umdlali weChiefs okubhekeke ukuthi alulame, uLangelihle Phili, obhinyike iqakala esejimini emasontweni edlule.

Ngesikhathi kuvela ukuthi ulimele uPhili, ofike kwiChiefs evela kwiStellenbosch FC, kuthiwe uzohlala amasonto ayisishiyagalombili engalithinti ibhola.

IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neStellenbosch, eFNB Stadium, ngo-Okthoba 13, ngo-7.30 ebusuku.