EzakamuvaIbhola

Bashaye eceleni abebezama ukuqola ngegama leChiefs

IKaizer Chiefs ixwayisa ngabazama ukuqola ngegama layo, bethembisa abafana abasebancane ukuthi bazongena enkulisa yayo.

Leli qembu laseNaturena likhiphe isitatimende ligcizelela ukuthi lona alizenzi kanjalo izinto uma lifuna abadlali benkulisa yalo.

“Asiyenzi le nto yokuhlola (abadlali) ngokuvulelekile eVillage yeKaizer Chiefs,” kuchaza iChiefs.

“Sinabahlwayi abakwazi ukuhlonza ikhono. Ezinye zalezi zingane ziyamenywa eVillage, ngenhloso yokuthi zibhekwe ngethemba lokuthi zijoyine iYouth Development Academy, uma kuzifanele lokho.

“Uma ubona imininingwane yasebhange kulokho okusuke kubhalwe ngeChiefs kuthiwa kuthinta abazohlolwa, bese kuthiwe thumela imali efonini ethile noma usebenzise i-Gmail, kumele wazi ukuthi amaqola lawo.

“Uma usola ukuthi uyaqolwa noma ufuna ukucaciseleka ngento ethinta ukuhlolwa emayelana neKaizer Chiefs, sicela usithinte ku-011 941 1465. Noma ku- info@kaizerchiefs.com.

“Ungavakashela nala: https://www.kaizerchiefs.com/youth-academy/about-youth-development ukuze uthole lonke ulwazi oludingayo.”

Kuvela laba abazama ukugila abantu ngebama leKaizer Chiefs nje neqembu leDStv Premiership laseThekwini, AmaZulu FC abechitha okufanayo kuleli sonto.

Nakhona kuMaZulu kuvele abazenza abasebenza kuwona bemema abazohlolelwa ukungena kwinkulisa yeqembu.

Nabo bebefuna kufakw eimali abathe eyokukhokhela indawo yokuhlala nokudla ngokunjalo nezinsiza zokudlala.

Nawo AmaZuku akhiphe isitatimende ekuthicha lokhu, anxusa abantu ukuthi bathinte ihhovisi lawo uma kunento efana naleyo abayizwayo.

Impempe nayo iyagcizelela kubazali ukuthi bangaphushwa yisifiso sokubona izingane zidlala emaqenjini anegama bese begcina beba yizisulu zamaqola.