EzakamuvaIbhola

Useqeqesha phesheya umgadli owahluleka kwiPirates

Owayengumgadli we-Orlando Pirates usanda kuthola isikhundla sokuqeqesha ePoland, futhi kunconywa ikhono lakhe. 

UTakesure Chinyama wazakhela igama ePoland ngesikhathi edlala khona.

Yingakho esenikwe ithuba lokuqala impilo entsha njengomunye wabaqeqeshi benkulisa yeKS Bibiczanka. 

Ngesikhathi edlala kwiDStv Premiership, uChinyama udlale imidlalo engu-15 kwi-Orlando Pirates.

Washaya amagoli amathathu wabe esethuthela kwiPlatinum Stars, nakhona wenza kahle yize engazange aqgame kangako. 

Kodwa kwathi uma efika ePoland uChinyama waba yisihlabani ngesikhathi edlala kwiLegia Warszawa. 

Le nsizwa eneminyaka engu-44 edabuka eZimbabwe okwamanje isemkhankasweni wokuthola iziqu ze-Uefa zokuqeqesha.

Usenazo nokho ezeCaf. Umqondisi wenkulisa yeKS Bibiczanka, uMariusz Skrzyński, wethule ngokuziqhenya uChinyama.

Ugcizelele ukuthi ubengumdlali osezingeni eliphezulu ngeziikhathi zakhe kwiDynamos leFC Platinum eZimbabwe. 

“UTakesure Chinyama, owayengumdlali webhola weLegia Warsaw futhi owashaya amagoli amaningi kwiEkstraklasa yasePoland ngo-2009, omele iZimbabwe, uqala umsebenzi wakhe wokuqeqesha e-START Sport Academy.

“Futhi sizoweseka umsebenzi wakhe wokuthuthukisa abadlali abacijwa kwinkulisa yeKS Bibiczanka. 

“Umqeqetshi uTakesure Chinyama uzasebenza nabaqeqetshi bamaqembu abafana abakhuliswayo…” 

“Ukusebenzisana nomdlali webhola lezinyawo owake wadlala esigabeni esiphezulu kufanele kuvuselele uthando kubadlali be-AP KS Bibiczanka.

“Futhi kuzosiza ukuthuthukisa ukuqwashisa kwabo nenjongo yokubamba iqhaza ekuqeqesheni ibhola. 

“Sicabanga ukuthi kuzoba yinto ebaluleke kakhulu kubadlali bethu, ikakhulukazi njengoba uChinyama engumuntu okhululekile futhi ohlezi ejabule.

“Uzimisele ukusebenza nezingane nabantu abasha. Maduze, (uChinyama) uzovela naseqenjini elikhulu.”