UJohnson akabonanga zinto abejikijelwa ngazo abeChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson uthi yena akayibonanga lento ebonwe yizwe lonke abalandeli bejikijela okuthile enkundleni.
Lokhu kwenziwe ngabalandeli beKaizer Chiefs bekhombisa ukungenami kwabo kulandela ukuthi ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 3-2.
Lesi simo nokho sisheshe sanqandeka. Ngesikhathi enezingxoxo nabaqeqeshi ngemuva komdlalo, uPhumlani Msibi weSuperSport TV uze washenxa la ebe khona.
Uthe lokhu ukwenza ngoba ebona lezinto ebezijukujelwa enkundleni, ethi akafuni zigcine zifika kubo.
Nokho amaphoyisa sheshe asinqanda isimo singakabi sibi kakhulu, kodwa uJohnson uthe akabonanga kwalokho.
“Kukhona abebekujikijela enkundleni? Hhayi madoda mina angibonanga lutho,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Uyabona uma uhlulwe emdlalweni walolu hlobo (njengomqeqeshi) uzikhathaza (ngomphumela) kuphela.
“Angikubonanga lokho… Bebejikikela? Angibonanga ngampela mina, mhlawumbe kube yibhodlela elilodwa noma amabili.
“Ngibone amaphoyisa nje, angazanga ke ukuthi abezovikela bani, mina noma abadlali…
“Kodwa ke ngifisa ukubabonga ngokuphuma ngobuningi kangaka. Ngicela bengasijikijeli, akusebenzi lokho,” kuchaza uJohnson.
Kodwa ke ubuye wajika, wathi uyakuqonda okwenzekile futhi bekungenzeka noma ngabe bekuhlulwe iPirates kulo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi bekuzoba yisimo esifanayo ukube yithi esishaye amagoli amathathu, iPirates yaba namabili. Mhlawumbe bekuzojikijelwa.
“Kodwa ke noma kunjalo, ngibone kuwumdlalo omuhle womkhaya, angisazi kwakugcine nini ukuba namagoli amahlanu kulo mdlalo.”
Kuzokhumbuleka ukuthi abaqeqeshi ababili ngaphambi kukaCavin Johnson – o-Arthur Zwane noMolefi Ntseki – baxoshwe ngenxa yokujikijelwa abalandeli.
FUNDA NALA: Izembe lisina bese licifela iRichards Bay iso
Lo mqeqeshi onamava uzoba nesikhathi esijana sokulungisa la abone kukubi khona njengoba beyoze babuyele enkundleni ekupheleni kwenyanga.

